USEPHENDUKE ingane encane ngenxa yokwenzelwa yonke into unina wezingane ezine odutshulwe odlameni lwamatekisi oluqhubeka eMzinyathi, eNanda.
UNksz Mantombi Mhlungu (42) waseMatata, eMzinyathi eThekwini, usephila nezinhlamvu ezintathu emzimbeni. Ulimale ngoJulayi 18 ngo-8 ebusuku ngesikhathi itekisi ayeyigibele ivukelwa amadoda asolwa ngokuba yizinkabi Ohlange alidubula ngentululwane yezinhlamvu, kwafa abagibeli abathathu kwalimala abanye.
Lona wesifazane, oziphilisa ngokudayisa izimonyo nenhlanzi, walimala ebuya ko-oda izimpahla zokudayisa edolobheni eThekwini.
“Impilo imile angazi ngizoziphilisa kanjani futhi aseshabalele amaphupho okwakhela umndeni wami ikhaya ngiqhubeze nezingane zami esikoleni. Ngalimalela into engingahlangene nayo ngoba kwamshayeli wetekisi angimazi,” kusho uNksz Mhlungu ngosizi.
Uthi wayezitshela ukuthi kuqhuma isondo ngenkathi bedutshulwa. Kwaze kwakhona abashoyo etekisini ukuthi akulalwe phansi bayabulawa. Uthi ngaleso sikhathi wayehlezi esihlalweni esingemuva komshayeli athi wasinda.
Uthi amaphara azenzela ezimpahleni zokudayisa ayezithengile ngenkathi bephuma ngamafastela etekisi eyadutshulwa yayophonseka esihosheni.
Izinhlamvu eziningi zesibhamu esikhulu zangena ethangeni enye yangena enyongeni, yakhuphukela esiswini. Manje unemithungo eminingi futhi usanda kukhipha insimbi abefakwe yona esiswini.
Uqhube wathi indlu abeseqala ukuyakha kubo imile, njengoba yena nabantwana bakhe beqube ezihlotsheni ezimnakekelayo.
Izolo uNksz Mhlungu ubeye kwadokotela eyoxilongwa, uthi ngesikhathi egibela itekisi kuvele kwabuya isithombe sokwamehlela. Uthi uvele wadlikiza, wakhihla isililo kwaze kwavuka umunyu kwabehamba naye emphelezele.
“Angazi impilo yami ibhekephi manje ngoba ngihlala ngithukile. Ngiyesaba ukuphila nezinhlamvu emzimbeni wami. Ngibonga uMdali ngokungiphilisa sengathi uMoya oyiNgcwele ungehlela eMzinyathi kuphele udlame lwamatekisi,” kusho uNksz Mhungu.
Kwenzeka lokhu, uNksz Mhlungu ubesanda kudukelwa yifayela lakhe lokugula esibhedlela ebelizokwenza ahole impesheni ngenxa yokuxinwa yisifuba. “Iphupho lami wukwelulekwa ngokwengqondo, ngivuselwe ikhaya, ngiqhutshelwe izingane zami esikoleni bese ngithola ukudla nomndeni wami,” kusho uNksz Mhlungu.