‘UKUNCINTISANA kuhle ezintweni ezifuze lezi ngoba ukuhlabana kuzona kusiza ukuthi ibhizinisi lakho lichume futhi ukwazi ukwenza ohlale uzifisela khona, kepha ukubambisana nokusebenzisana yizona zinto eziwukhiye wokufika ezingeni elingaphezu kwenikulona.’
Usho njalo uMnuz Teboho Mokoena, we-KZN Ezemvelo Wildlife, ekhuluma emcimbini weHollywood Foundation, amaBambelela Business Awards: Exhibitions and Seminar, obuse-The Station Urban Event Space, eThekwini izolo.
Kulo mcimbi bekuhlangene osomabhizinisi abawu-126 abangenele umncintiswano wakulo nyaka; abawu-100 bawo abanikwe ithuba lokukhangisa ngokukhuluma ngamabhizinisi abo imizuzwana ewu-90 umuntu ngamunye, bese laba abawu-26 bona banikwa ithuba lokuthi bazokhangisa ngamabhizinisi abo, bakhombise imikhiqizo eyehlukene abayidayisayo.
Kuwo futhi lo mcimbi, kube nethuba lokuthi izingcweti nabazi kangcono ngokuchumisa amabhizinisi bacebise labo somabhizinisi ngezinto ezimqoka okumele bazazi ukuze bakwazi ukuchumisa amabhizinisi abo uma sekwedlule umncintiswano onesamba sikaR1 million.
Isiqubulo somcimbi wanonyaka, osubuya ihlandla lesibili KwaZulu-Natal, sithi Driving Tourism and Industrialisation Through Coastal Line and Wildlife, lapho okukhuthazwe khona osomabhizinisi ukusebenzisa umkhakha wezokuvakasha nezimboni ezahlukene ukuchuma nokuzakhela igama kwezamabhizinisi ukusuka manje kubhekwe phambili.
Esinye futhi isikhulumi uMnuz Bonga Mngoma weKwaZulu-Natal Economics Regulatory Authority yena ukhuthaze osomabhizinisi ukuthi baqikelele ukuthi amabhizinisi abo awapheleli ekutheni abhaliswe ngokusemthethweni, kepha baqhubeke neminye imigudu edinga ukulandelwa ukuze achume.
“Ukungakhuthaleli izinto ezinjalo ngenye yezinto ebuyisela osomabhizinisi emuva ngoba akubi lula ukubasiza nokubaxhasa uma sekuvela amathuba athile uma bengayilandeli yonke imigudu efanele yokuphatha nokuhola ibhizinisi,” kusho uMngoma.
Omunye obeyisikhulumi emcimbini bekuwuNksz Thokozani Chili weTrade and Investment KwaZulu-Natal, kanti uhlelo lomcimbi beluqondiswa wuMnuz Thami Zondi.
UNksz Babongile Mkhize weHollywood Group uthe uhlelo lwalo mcimbi lungenye yezindllela abazisebenzisa ukubamba iqhaza ukukufula osomabhizinisi abazinze eKZN.
Namhlanje ngo-8 eHollywoodbest Greyville Convention Centre, kuzomenyezelwa abawu-20 abadle umhlanganiso, okuyibona abazohlukaniselana u-R1 million. Ophume phambili uzothola u-R130 000, olale isibili athole u-R100 000, ophume isithathu athole u-R70 000 bese kuthi abawu-17 bathole u-R40 000 umuntu ngamunye. Kuzokhishwa neminye imiklomelo yabakhangise amabhizinisi abo ngendlela egculise amajaji, nabagcine isikhathi emcimbini.