ISIKHULU enkampanini yamaselula iVodacom, uNksz Pinky Vythilingam, esiwufakazi ecaleni lokufa kukaSenzo Meyiwa, sithi ukhona owayesebenzisa iselula kamufi esebulewe.
UMeyiwa, owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe, uKelly Khumalo, eVosloorus, eGauteng, ngo-2014.
Bahlanu abalisa abashushiswayo uMbuso okholwa wukuthi bathengwa bamkakisa okwenyamazane uMeyiwa bamjuqa. Icala lisesigabeni lapho uMbuso weneka khona ubufakazi ozimisele ukugojela ngabo abamangalelwa.
UMshushisi woMbuso, u-Advocate Ronnie Sibanda, nguyena obeqhuba ufakazi ngemibuzo ngesikhathi kufikwa odabeni lweselula kaMeyiwa.
UNksz Vythilingham uthe ubufakazi buveza ukuthi kunomuntu owenza ikhadi elisha leselula kaMeyiwa ngo-Okthoba 27 okuwusuku olulandela abulawa ngalo. Uthe kodwa akazi ukuthi wubani lowo muntu.
“Lokhu kwenziwa esitolo esiseBenmore Gardens, ikhadi elisha lase lifakwa kwenye iselula, iNokia 3330 Classic. Kwashaywa izingcingo ezingu-63 ezaba yimpumelelo kusebenza lelo khadi,’’ kusho uNksz Vythilingham.
Uthe ukuze umuntu akwazi ukwenza lolu shintsho kudingeka aphathe umazisi bese eveza ubufakazi bokuthi ikhadi leselula elakhe. Uthe kuphinde kudingeke nephepha lobufakazi bekheli ahlala kulona lowo muntu.
UNksz Vythilingham uphinde waveza indaba kaKelly athe waxhumana nommangalelwa wesihlanu, uMnuz Fisokuhle Ntuli, ngaphambi kokubulawa kukaMeyiwa. Uthe ucingo lokuqala lwaba ngo-Agasti 2, 2014.
Uthe olwesibili lwaba ngo-Okthoba 15, 2014 nokwaba yizinsuku ngaphambi kokujuqwa kukaMeyiwa. Ngesikhathi uNksz Vythilingham efakaza, kuvele ukuthi unomkhuhlane othanda ukumxina.
Uthe esaqhubeka nokufakaza kwacaca ukuthi uxineka kakhulu kwavunyelwana ngokuthi icala liguqe. Kulindeleke ukuthi icala libuyele namuhla enkantolo.