ABAWUVALI umlomo ngokuzinikela kweMeya kaMasipala waseNkandla, uMnuz Mbhekiseni “Bhejane” Biyela, eshone ngoMsombuluko ekuseni, emva kokuhlabeka isikhathi eside.
Umholi we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe uBiyela ubesebenza ngokuzikhandla futhi ubezinikele ekuthuthukiseni indawo yaseNkandla.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emcimbini wophiko lwentsha kwi-IFP obuseThekwini, ngoMsombuluko.
“Egameni le-IFP ngifisa ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaBiyela. Siyabonga ngokuthi basiboleke yena. Usebenze ngokuzikhandla, ezama ukushintsha isimo saseNkandla. Sizwelana nabo bonke abantu baseNkandla abalahlekelwe umuntu obehola umasipala.”
UHlabisa uthe uBiyela ubezinikele naseqenjini.
“Ngizomkhumbula ngokuthi ubengomunye wamalungu e-IFP abengaphuthi uma kunezinketho zokuchibiyela. Ubuhlezi umfica lapho kunokhetho lokuchibiyela khona.”
UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, uthe bazohlezi bewakhumbula amagalelo kaBiyela.
“Nakuba siqhamuka emaqenjini ezepolitiki ehlukene, sibone kubalulekile ukuba sithumele amazwi enduduzo, ikakhulukazi njengoba lesi kuyisikhathi esinzima. Sihlezi sikugcizelela ukuthi kufanele sihlezi sibashayela ihlombe abaholi abayizibonelo ezinhle kuthina. Sihlezi sishumayela ukuthi kube nobumbano.”
Umndeni kaBiyela noMasipala waseNkandla bebengakaphawuli ngokushona kwakhe.
UBiyela uzalwa ebukhosini baseMahlayizeni, obuphethwe iNkosi uBhekizizwe Biyela, khona eNkandla.
USihlalo we-IFP KwaZulu-Natal futhi onguNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Thami Ntuli, kulindeleke ukuthi ayohlanganisa amehlo nomndeni ngoLwesibili.
UBiyela wathatha isikhundla sobumeya emva kokushiya kukaNtuli, owayeseqokelwe kwesemeya kuMasipala iKing Cetshwayo ngaphambi kokudlulela kwesokuba ngundunankulu.