KULINDELWE lukhulu eNkantolo eNkulu yaseThekwini lapho kuzovela khona uNkk Nongcebo Faith Ntombela waseMlaza osolwa ngokuba ungqondongqondo ekusocongweni komyeni wakhe owayeyiphoyisa loMkhandlu weTheku, uCaptain Thomas Zwelakhe Ntombela.
UNtombela wadutshulwa esemzini wakhe kwa-S ngoMeyi 3 nyakenye. Waphuthunyiswa eSiphingo Medical Towers okuyilapho okwamenela khona.
Ngemuva kwezinyanga ezimbalwa, inkabi eyadubula uSipho Ntombela eyayisekubhaceni, yakhalelwa ngamasongo kaSigonyela.
Yageqa amagula itshela inkantolo ukuthi beyithunywe nguNkk Ntombela ukusoconga umyeni wakhe. UNkk Ntombela naye wabe eseboshwa.
Kwabe sekuboshwa noMnuz Sithembiso Khumalo, onguthishanhloko waseMpumulwane Primary School, KwaMaphumulo. Yena wayesolwa ngokuthi ubesebenzisana noNkk Ntombela ekuhleleni itulo lokusocongwa kukamufi.
Khona lapho kwavela negama lenkabi eyesatshwayo KwaZulu-Natal uKhulani Cele ukuthi nayo ibe nesandla ekusocongweni kukamufi.
Bonke abasolwa kusuka lapho bebegqigqa eNkantolo yeMantshi yaseMlaza, kwaze kwaba icala lidluliselwa eNkantolo eNkulu yaseThekwini.
Njengoba lizobe liqala ukuba seNkantolo yaseThekwini nje kusasa, umthombo osondelene necala uveze ukuthi kungenzeka kube nengwikhwebu ngaleli cala.
UNkk Ntyombela ugqame kuleli cala ngenxa yokuthi ubebonakala enganakukhathazeki, emamatheka njalo uma ezovela enkantolo.
Ngesikhathi eboshwa uNkk Ntombela wayekade esebenza khona inkantolo yaseMlaza.
UMnuz Nkosinathi Ntombela, ongumfowabo kamufi, kubona ukuthi icala liqhuba kanjani enkantolo akusasho lutho ngoba “okusalayo umfowethu akasekho emhlabeni.”
Uthe mkhulu umonakalo okhona emndenini njengoba kwabulawa umufi.
Uthe nokho kulokoza inhlansi yethemba kubona njengomndeni ngokuthi inkantolo izobenza ubulungiswa agcine egwetshiwe lo wesifazane nabo bonke abathintekayo ecaleni.