OSHAYASIBHAMU abebehlome beyizingovolo bavimbezele onogada bemoto yemali emgwaqweni uTodd, eVerulam, ngoMsombuluko ekuseni.
Lokhu kwenzeke ngo-11 ekuseni ngesikhathi onogada benkampani i-Reaction Unit South Africa (RUSA) bebizelwe kule ndawo ngemibiko yokugetshengwa kwemoto yemali. AbeRusa bafike kule ndawo bathola ukuthi kuhlaselwe onogada ababili bathathelwa izikhwama zemali ngesikhathi bephuma nazo esuphamakethe yendawo.
Kuthiwa abasolwa babaleke ngemoto i-VW okungaba yiPolo noma iGolf enombala osiliva.