Abasolwa ngokubamba inkunzi isitolo sobucwebe eChatsworth, eThekwini, ngoLwesihlanu badubule balimaza obesesitolo nephoyisa likaMasipala weTheku ebelibajaha.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe abasolwa esingaziwa isibalo sabo, abebehlome beyizingovolo, bagasele esitolo sobucwebe badubula. Enye inhlamvu ishaye okuthile kwalimala obenganakile ebusweni.
“Amaphoyisa anikele khona kwase kuba nokudubulana ngesikhathi ejaha abasolwa. Iphoyisa likamasipala lidubuleke lalimala emlenzeni. Amaphoyisa aqhubekile nokujaha abasolwa kwagcina kuboshwe ababili eMlaza. Batholakale nezimoto ezimbili abebebaleka ngazo zinegazi,” kusho uNetshiunda.
Uthe amaphoyisa athungatha abanye abasolwa ababalekile. Uveze nokuthi kuyaphenywa ukuthi abasolwa abathinteki yini eqenjini elibambe inkunzi esinye isitolo sobucwebe ePhoenix ngesonto eledlule lapho kudutshulwe kwalimala khona iphoyisa.