INHLANGANO yabelaphi i-National Unitary Professional Association for African Traditional Health Practitioners of SA (NAPUTSA) ikhuza abelaphi baKwaMashu naseNtuzuma abalahla izilwane abebegeza ngazo abantu emifuleni yakule ndawo budedengu.
Le nhlangano ithi umphakathi waKwaMashu naseNtuzuma owakhe eduze kwemifula nemihosha, ubabikele ukuthi awusakwazi ukusebenzisa imifula noma ukudlula kuyo ngoba ufica kunezinkukhu, izimbuzi namakhandlela ahlobonhlobo kuyo noma endleleni eseduze kwayo ugcine sewesaba ukuhamba ngoba awazi ukuthi kubekelweni.
UMnuz Mlungisi Mlaba weNAPUTSA uthe kungukubeka impilo yomphakathi engcupheni ukushiya izilwane ezinezinalithi nezinye izikhali endleleni noma emfuleni obuye usetshenziwe umphakathi.
"Imifula isetshenziswa ngabalimi abatshala eduze kwayo abasebenzisa amanzi banisele izitshalo zabo, abanamatende bawageza khona. Eminye kunqamula kuyo abafundi nomphakathi. Uma silahla izilawane sithi umphakathi awenze njani ngoba usuke ususaba ukuwela ngoba uyazi ukuthi izinkukhu nezimbuzi ezimnyama ezokulahla ibhadi. Ingasaphathwa eyabahlala eduze kwale mifula ababulawa iphunga. Lo mkhuba uqale wakhuzwa emabhishi eThekwini, manje abelaphi sebewenza emifuleni esezindaweni ezihlala abantu," kukhuza uMlaba.
Uthe umphakathi obabikele ohlala eduze komfula iGobhogobho eNtuzuma noseduze kwasesikoleni iSibonelo High KwaMashu.
Uthe okunye okwenziwa abelaphi ukuthi bafake lezi zilwane kopulastiki abamnyama bazifake emigqomeni ethululwa ngabasebenzi bakamasipala nakho okuyingozi.
"Abelaphi abageza abantu banenkolelo yokuthi ibhadi ebelikhishwa kumele lithathwe ngomunye umuntu, ingakho izilwane zishiywa lapho kuzodlula khona abantu noma emigqomeni ezoqoqwa ngabantu. Siyinhlangano siyabafundisa ukuthi uma kudingeka ukuthi umuntu agezelwe endleleni okungenani umelaphi akambe umgodi agqibe eceleni kwayo indlela ngoba ukushiya izikhali nezilwane kuyingozi" kusho uMlaba.
Uthe abakukhuthaza kakhulu ukuthi umelaphi abe nendawo kwakhe eyakhelwe ukugeza abantu ukuze kugwenywe ukuthi kube nemithi nezinye izinto ezilahlwa budedengu ezindaweni zomphakathi.
"Inkinga esibhekana nayo ukuthi abanye abelaphi abekho ngaphansi kwezinhlangano ngakho uma kufundiswa abelaphi basuke bengekho. Omunye umkhuba osudlangile owokuthi abelaphi bafake izilwane emadamini, bethi bakhunga abanikazi bamadamu (izinyoka). Lo mkhuba kasiwazi, musha ugcolisa amadamu amanye awo awamanzi asuke ezohlanzwa aphuzwe umphakathi,“ usho kanje.