NGEKE uzilethele amabhadi uma ubhala incwadi yamafa. Lokhu kushiwo nguMnuz Stephen Mofokeng weLegal Aid South Africa obegqugquzela abantu ukuthi babhale izincwadi zamafa mahhala kuleli sonto.
ILaw Society of South Africa yeza nohlelo lokuthi abantu babhale izincwadi zamafa mahhala kanye ngonyaka kusukela ngoSepthemba 16 kuya kuSepthemba 20.
UMofokeng uthe kunabantu abacabanga ukuthi ukubhala incwadi yefa kuhambisana namabhadi noma mhlawumbe kuzokwenza basheshe bashone.
“Ukubhala incwadi yefa ngeke kukulethele amabhadi, kuzoqinisekisa ukuthi impahla yakho ishiyelwa labo obathandayo ngendlela obufisa ngayo. Iyabavikela futhi ibalulekile kulesi sikhathi esiphila kuso.”
Uthe uma usunayo incwadi yefa ungathatha leli thuba ukuyibukisisa kabusha wenze isiqiniseko sokuthi zonke izinto zisahamba ngohlelo.
Ugqugquzele abantu ukuthi uma bebhala incwadi yefa basebenzise amagama aqondile angeke adide abantu uma sekwabiwa ifa.
Ubalule ukuthi incwadi yefa ivimba imibango nezinye izinkinga ezenzekayo uma oshonile ebengayibhalanga.
Abafisa ukubhalelwa izincwadi zamafa kufanele baye kubameli abayingxenye yohlelo lokwenza izincwadi zamafa mahhala bephethe omazisi, babhale impahla abanayo, babe namagama nezinamba zomazisi balabo abafuna ukubashiyela ifa.
UMofokeng uthe kubalulekile ukukhetha umabi wamafa othembekile, ohlelekile futhi ozokwazi ukumelana nalo msebenzi.
Uthe kubalulekile nokuchaza kahle abashiyelwa ifa ukuthi bangobani amagama, izinamba zabo zomazisi, ukuthi bahlobene kanjani nomnikazi wefa ukuze ugweme amaphutha uma sekwabiwa ifa.
Imininingwane yabameli abazobe besiza ngokubhala incwadi yamafa mahhala kuleli sonto itholakala ngokuvakashela u: LSSA National Wills Week – LSSA