KUKHUNJUZWA abangcwabe emathuneni kaMasipala weTheku ngokuvuselelwa kwamaphepha amathuna.
Ngokujwayelekile ithuna lirentelwa iminyaka ewu-10 bese kuvuselelwa isivumelwano salowo orentayo nomasipala.
Kuzokhumbuleka ukuthi eThekwini kuke kwaba nenkinga yokushoda kwendawo yokungcwaba kodwa yathi ukuba ngconywana emuva kokuthi umasipala ethole omunye umhlaba.
Njengamanje umasipala unamathuna awu-65 nezindawo zokulothisa ezimbili.
Esitatimendeni esishicilelwe umasipala, uthe abafisa ukurentela amathuna kufanele bagcwalise ifomu yokucela lokhu, balihambise kwamasipala nekhophi kamazisi kamufi egxiviziwe, ikhophi yesitifiketi sokufa egxiviziwe nekhophi yomuntu ofuna ukurentela lelo thuna.
Uma umuntu ezovuselela ukurentelwa kwethuna kufanele aphathe incwadi efakazela ukuthi ubelirentela kodwa isikhathi sesiphelile.
Uma umuntu engavuseleli ukurentela ithuna, libuyiselwa kuMasipala weTheku kulandelwa imithetho eyengamele amathuna.
Abafuna ulwazi bangashayela u-031 311 4581 noma bavakashele e-303 Dr Pixley kaSeme Street, Delta Tower Building, baye esitezi sesikhombisa.