INKOSI ebusayo yesizwe samaChunu, uNgangendlovu Mchunu, inxenxa abantu besizwe sakoMacingwane ukuthi baphume ngothi lwabo emcimbini wokukhumbula inkosi yokuqala yalesi sibongo esiyakhothama, uPhakade, ngokomlando okuvela ukuthi wakhothama ngeminyaka yo-1880.
Ngokusho kweNkosi uNgangendlovu, umcimbi wesikhumbuzo seNkosi uPhakade uzoba lapho okuneliba layo nawamanye amakhosi alesi sibongo, eKuvukeni eMsinga, kusasa ngo-10 ekuseni.
“Sibone kubaluleke kakhulu ukuthi sikhumbule inkosi yethu njengenhlalayenza, ikakhulu ngoba yabamba iqhaza elikhulu ukuhlanganisa abantu bakwaMchunu, yenza nesiqiniseko sokuthi baba nomhlaba owanele ukuthi bakhele izindawo ezahlukene esifundazweni.
“Yingakho sinxusa wonke umuntu wakwaMchunu nabakwezinye izibongo ukuthi baphume ngothi lwabo, bazoba nathi esikhumbuzweni seNkosi yethu. Sicela nokuthi bahlobe ngemvunulo yabo ngokwehlukana kwezigaba zabo,” kunxusa iNkosi Mchunu.
Uthe isikhumbuzo sizohanjelwa yiwo wonke amakhosi ayisithupha esizwe samaChunu; aphethe eNkandla, Mzimkhulu, Mooi River, Washbank naseMsinga lapho kubusa yena khona.
Esikhumbuzweni kuzobe kukhona namabutho, izintombi nabezinhlangano ezahlukene zamasiko.