SEBEZOKWAZI ukuthi baphethe malini abantu abangaboni njengoba ibhange lombuso lifake ubuchwepheshe obenza nabangaboni bakwazi ukufunda imali entsha.
Izolo iSouth African Reserve Bank ikhiphe imali entsha enezokuphepha ezithuthukisiwe kanjalo namaqhuzu azokwazi ukufundwa ngabangaboni.
Umphathi weBhange loMbuso, uMnuz Lesetja Kgangago, uthe imali entsha inobuchwepheshe obuthuthukile obuzolwa nokukokotelwa kwemali.
Uveze ukuthi bagqamise imibala, bafaka namaqhuzu azokwazi ukufundwa yilabo abangaboni ukuze nabo bazi ukuthi baphethe malini.
“Ukukhishwa kwemali entsha akusho ukuthi endala ayisasebenzi, izoqhubeka isebenze nayo kuze kube sesiyiqoqe yonke. Ithina kuphela esinamandla okushicilela imali nokuyikhipha emakethe uma isiphelelwe yisikhathi. Imali entsha ihlanganisa bonke abantu baseNingizimu Afrika, igqamile futhi abantu bazojabula uma beyithinta noma beyibuka,” kusho uKganyago.
Uthe imali izoqhubeka nokubhalwa ukuthi INingizimu Afrika ngezilimi eziwu-11 zakuleli. Imali engamaphepha izoqhubeka ibe nobuso bukaMengameli wokuqala wentando yabantu kuleli, uMnuz Nelson Mandela.
Ngemuva imali yamaphepha izoba nezilwane ezikwi-big 5, uR10 usunombala oluhlaza ogqamile nesithombe sikabhejane, ubhalwe ngesiBhunu nesiZulu nesiSwati.
U-R20 unombala onsundu nesithombe sendlovu, ubhalwe ngeSetswana nesiNdebele.
U-R50 unombala obukhwebezane nesithombe sebhubesi, ubhalwe ngesiXhosa neTshivenda.
U-R100 unombala oluhlaza okwesibhakabhaka nesithombe senyathi, ubhalwe ngesiSesotho nesiPedi. U-R200 unombala osawolintshi nesithombe sengwe kanti ubhalwe ngesiZulu neSesotho.
Emalini encane kunomehluko njengoba u-10 cents usunesithombe senyosi ubhalwe ngesiZulu neTshivenda, u-20 cent unesithombe senhlaba ubhalwe ngesiNgisi nesiBhunu, isihlanu sinesithombe senyoni i-Kysna turaco sibhalwe ngeSesotho nesiPedi. Ishumi linesithombe sembali iprotea, libhalwe ngeSetswana, uR2 unesithombe senyamazane iSpringbok wabhalwa ngesiNdebele neXitsonga kanti uR5 unesithombe somkhoma ubhalwe ngeTshivenda, isiXhosa, isiSwati nesiZulu.