USOMABHIZINISI owazakhela udumo ngokusakaza nokwethula izinhlelo kwithelevishini, uSibusiso Leope owaziwa ngelikaDJ Sbu uthe ukubambisana nokubeka imali ndawonye “yindlela elula yokubekelela imali” engasetshenziswa ngabantu futhi ibasize ukuthi bakwazi ukutshala imali yabo embonini yezokwakha.
Ubekhuluma nentsha nosomabhizinisi abebehambele umcimbi waminyaka yonke wokucobelelana ngolwazi lokuchuma kwezamabhizinisi, iDurban Business Fair, obiyenziwe ihlandla lesi-26 enxanxatheleni yezitolo KwaMnyandu, eMlaza ngoLwesihlanu.
UDJ Sbu ongumsakazi weRadio 2000, uthe ngenxa yokuthi akuyena wonke umuntu ozoba namandla okubeka imali eningi, weluleka ukuthi abantu bahlangane, babeke imali ndawonye ezoba wusizo ukuchumisa amabhizinisi abo uma isiwumthanyana.
“Bakhona abantu abakwazi ukubeka imali, okuthi uma seyiwumthanyana, bayisebenzisele izinto eziphelayo futhi ezimnandi, banganaki izinto ezingabasiza ukuthi bachume kwezamabhizinisi. Yingakho nginikhuthaza ukuthi kulokho okuncane enikwazi ukukuhlanganisa, nikusebenzisele ukutshala imali embonini yezokwakha, engibona inamathuba amaningi okuchuma nokukhula uma uzibamba ziqine kuyona,” usho kanje.
Eqhuba, uthe ukubeka imali kungaba ngokuhlanganyela noma kumuntu ngayedwana, kungamsiza kakhulu umuntu osafisa ukungenisa kwezamabhizinisi ukwenza kube lula ukuxhaseka uma ebedinga imali eningi noma eboleka emabhange.
Kuwo futhi lo mcimbi, bekunombukiso wosomabhizinisi abalinganiselwa ku-130 abakhangise ngamabhizinisi abo.
Omunye wabo wuNksz Samkelisiwe Maphumulo weSamkez Creations, othunga izimpahla zabesifazane eThekwini.
Uthe: “Inhloso yami yokuza lana wukuzohlangana nabanye osomabhizinisi, futhi ngenze kube lula kubantu ukuqonda nokwazi ngomsebenzi engiwenzayo, ikakhulu ngoba imicimbi emikhulu njengalona ihlanganisa abantu bezindawo ezahlukene, okungasiza ukubeka ibhizinisi lami emathubeni okuchuma.”
Lo mcimbi uqale ngoLwesine, kanti uzoqhubeka ngezinhlelo zawo zezingxoxo zokuthuthukisa osomabhizinisi, uze uphethwe ngeSonto ntambama.