Ufuna kwenzeke ubulungiswa ngelungu lawo umndeni wowesilisa okukholakala ukuthi ushone emva kokuncishwa umoya ngamaphoyisa, okuthiwa amfake uplastiki ekhanda amfutha nangesisi esikhalisa unyembezi, ngesikhathi ephume umkhankaso wokukhuculula ubugebengu, eNkolongwane eHlobane ngoMgqibelo.
UMnuz Mzomuhle Zwane (20), okuvele ukuthi ubenesifo sofuba lomoya kuthiwa kumenele esendleleni ephuthunyiswa esibhedlela, emva kokuthi amaphoyisa abephume umkhankaso kuthiwa amncishe umoya ngoplastiki afutha nesisi esikhalisa unyembezi, emfica nomngani wakhe bezilalele ngezisu phansi komthunzi wesihlahla esiseceleni komuzi abethole umkhondo ngawo ukuthi kukhona othile onesibhamu kuwona.
Ugogo kamufi uNksz Nonhlanhla Dlamini elandisa Isolezwe, usole amaphoyisa ngendluzula njengoba ethi umzukulu wakhe ubengahlanganise lutho nomuzi amaphoyisa abebabele kuwo.
“Kuthiwa ngesikhathi ebabona aqonde kubona efuna ukubasesha, owesilisa obehleli nomufi wabaleka kwasala yena, okuyilapho kuthiwa amseshile ethole iphakeshana lensangu ekhukhwini, aqala amhlukumeza amfaka uplastiki ekhanda afutha nesisi esikhalisa unyembezi.
Kuthe uma equleka amqukula amlalisa emotweni angamnaka aqhubeka nokunye akwenzayo kanti uwumuntu onesifuba,” usho kanje.
Uthe emva kokulunywa indlebe ngelinye ilungu lomphakathi, uphumile eyobheka wambona umzukulu wakhe edindilize ngemuva emotweni yamaphoyisa, okuthe uma ebabuza ukuthi awamsizi ngani njengoba engasanyakazi, angamnaka.
“Elinye iphoyisa lithe baficwe bebhema izidakamizwa, kodwa ngokumazi kwami usebenzisa insangu kuphela nayo usanda kuyiqala futhi, ngoba ethi kukhona owamxoxela ukuthi iyasiza esifweni sesifuba somoya.
Ngithe amaphoyisa okungenani awangikhombise okungenani atholwe nakho, kodwa ngigcine ngikhonjiswa iphakeshana lensangu. Ngesikade azame ukuhamba naye ehlangabeza i-ambulensi. Ngathola umyalezo othi ushone esendleleni ephuthunyiswa esibhedlela,” usho kanje.
Uthe okumphatha kabi kakhulu wukuthi selokhu kwenzeke lesi sigameko amaphoyisa awazange afike ezobikela umndeni, kuhlule noma eyobuza esiteshini samaphoyisa eHlobane, ubeshoniswa ngapha nangapha, kungacaci ukuthi isidumbu sikamzukulu wakhe sigcinwe kumaphi amakhaza.
Uthi kuze kwasiza ukungenela kwamalungu omphakathi avale umgwaqo odlula ngakulesi siteshi ngamathayi avuthayo ngoMsombuluko, efuna izimpendulo, kwayikhathi evunyelwa ukubona isidumbu sikamufi obekulokhu kuthiwa sisahlolwa.
Okhulumela uphiko olubhekele ukuziphatha kwamaphoyisa, i- Independent Police Investigative Directorate uMnuz Phaladi Shupping, uthe: “Amaphoyisa aseVryheid abophe umsolwa obephethe okungalungile. Udlikizile ngesikhathi esemotweni yamaphoyisa ibheke esiteshini, waphuthunyiswa emtholampilo ngebhadi kutholakale ukuthi useshonile.”
Uthe lolu phiko luyaphenywa.