UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa nokhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke babize isithangami sabezindaba ngezinhlelo zalo mnyango zokulwa nabantu abashisa amaloli.
Ungqongqoshe ubize isithangami nje, kubikwa ukuthi angu-20 amaloli aseshisiwe ezifundazweni ezintathu, KwaZulu-Natal, Limpopo naseMpumalanga.
Namuhla ekuseni, kushiswe amaloli amane eMpumalanga. Kulesi sigameko kulimale owesifazane ongumgibeli obelele kwelinye lamaloli ashisiwe.
“Isigameko sanamhlanje sokushiswa kwamaloli sisibeke kwisishiyagalolunye isibalo samaloli ashisiwe eMpumalanga kusukela ngempelasonto,” kusho uBrigadier Selvy Mohlala okhulumela amaphoyisa eMpumalanga.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele uthi okwamanje awekho amaloli ashisiwe eGauteng naseFree State. UCele uthi amaphoyisa anazo izinhlelo zokulwa nezigebengu ezishisa amaloli emigwaqweni yaseNingizimu Afrika.
UCele uthi sekujutshwe namasosha eMooi River KwaZulu-Natal. Uthi bane kuphela abashayeli bakwamanye amazwe kulezi zigameko zakamuva futhi bebeshayela amaloli akwamanye amazwe. Abanye abashayeli bamaloli ashisiwe ngabakuleli.
UCele uyaphinda uthi abukho ubufakazi bokuthi ukushiswa kwamaloli kuhlobene nezibhelu zikaJulayi 2021. Uthi kunosomathuba abafuna ukuhlanganisa okwenzekayo nezibhelu kodwa kabukho ubufakazi.
UGeneral Fannie Masemola uthi ezobunhloli azibanikanga ubufakazi bokuthi wobani ngempela abashise amaloli kodwa basazophenya kahle ukuze bathole abangqongqise amaloli.
UMasemola uthi bazowabheka ama-video abathunyelelwe wona ukuze bakwazi ukubopha abathintekayo.
“Amaloli ashisiwe ebethwele amalahle, ama-orintshi, i-chrome nokunye okumbiwayo. ”