LENZA iziqu zobudokotela iningi labafundi abebefunda esikoleni iBizimali High elenza ezibukwayo ngesikhathi kumenyezelwa imiphumela ka-matric nyakenye, liphasa ngamalengiso.
Umcimbi wokuhlonipha abafundi abangu-10 abaqengqeleza phambili ku-matric wango-2019 ubungoMgqibelo, emagcekeni esikole. Kugqame ikhono lothisha lokufundisa njengoba bamukelwe bonke emanyuvesi amakhulu kuleli emikhakheni ehlukene.
OwayenguMengameli kuleli uMnuz Jacob Zuma obeyisikhulumi esiqavile, uncome isikole esisemakhaya ngokwenza kahle minyaka yonke uma kumenyezelwa imiphumela ka-matric.
UZuma wethule inkulumo emfishane njengoba engakalulami kahle kwazise uke waxinwa ukugula.
“Niyithemba kithina elikhulu. Nothisha bakulesi sikole bayisibonele esihle. Sifisa ukubonga kini nonke ngokuthatha isikole esisemakhaya nisibeke kwibalazwe,” kusho uZuma.
Umsakazi woKhozi FM ophinde abe ngumnikazi wesikole sokuphothula izifundo zika-matric iMatric School of Excellence esiseThekwini, uBheka ‘Beekay’ Mchunu weluleke abafundi, wabaxwayisa ngakubize ngokuphapha.
“Ningaphuthumi ukungena kwezothando kodwa hambani niyofunda nibuye nisebenze nishintshe izimo zasemakini,” kusho uMchunu.
Abebehlonishwa nguSiyabonga Cele owalala endaweni yesishiyagalombili kuzwelonke kwabaphasa ngamalengiso owenza iziqu ze- Actuarial Science e-Wits University, uBayanda Mdlalose owenza i- Actuarial Science e-Wits, uSiphesihle Msomi owenza iMechanical Engineering e-University of Pretoria, uSipho Shelembe owenza iMedicine e-University of KwaZulu-Natal(UKZN), uPhindile Zungu owenza eze-Optometry e-UKZN, uMinenhle Biyela owenza iMedicine e-Medical University of Southern Africa (Medunsa), uNoxolo Biyela owenza iMedicine
eMedunsa, uSiphesihle Mbambo owenza iMedicine e- UKZN, uThubalakhe Makhoba owenza iMedicine eMedunsa noZethembe Zungu owenza B Com Accounting e- University of Cape town.
Abamabhizinisi ahlukene noZuma bahalalisele lezi zitshudeni ngokuzipha izipho ezehlukene.
Inkampani yabangcwabi Amathole Funeral inikele ngama- laptop awu-10 enani elilinganiselwa ku- R58 000, iProcess Litho ibambisene noMfundisi Colleen Dlomo yanikela ngawu-10, uZuma wanikela ngamahlanu kwathi
Ithala lanikela ngama- hamper.
UMnuz Vezokuhle Nala ongumnikazi we-Amathole Funeral, uthe basazoqhubeka nokubhekelela izikole zasemakhaya ezenza kahle ngezinsiza-kufunda.
“Kuyajabulisa ukubona isikole sasemakhaya siphumelela. Njengomuntu okhulele emakhaya ngiyabazi ubunzima obubhekana nabafunda kulezi zikole,” kusho uNala.