INHLANZI ishelwe amanzi kowasePakistan obevule ihhovisi eliwumbombayi loMnyango wezaseKhaya, eshayela abantu izitifiketi, omazisi nama-visa futhi ekwazi ukushadisa ngo-R18 000.
Amaphoyisa athole ngezobunhloli anikela ebhilidini elisemgwaqweni uMatthews Meyiwa, eGreyville.
Kuboshwe umnikazi wale ndawo oseyikhehla, amaphoyisa athe wafika eNingizimu Afrika ngo-1999 ngokuthi ashade ngokungemthetho nowesifazane oyisakhamuzi sakuleli maqede wamlaxaza esethole ubuzwe, wase elanda umkakhe owayesele ezweni lakubo.
Ungaze ufunge ukuthi ihhovisi loMnyango wezaseKhaya ngoba emnyango kunegama lenkampani eliwumbombayi, ngaphakathi kuphanyekwe nesithombe sikaNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Aaron Motsoaledi obephethe lo mnyango phambilini.
La bantu kuthiwa bebefike bantshontshe umazisi wakho bese bekushadisa ungazi.
Umsolwa uboshwe nabanye ababili okukhona nowesifazane okuthe uma ebona amaphoyisa waklebhula amanye amaphepha wawalahla emgqonyeni eshabalalisa ubufakazi.
Amaphoyisa nabasebenzi bomnyango bawavundulule khona emgqonyeni amaphepha, umsolwa wabekwa icala lokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe abasolwa bebefike bantshontshe umazisi wowesifazane oyisakhamuzi sakuleli.
“Uma sebewutholile umazisi, abasolwa bebekushadisa ngemali eqala ku-R18 000 nowokufika abanye babo bengekho ngisho eNingizimu Afrika. Oseshadisiwe ube esefaka isicelo esibizwa nge-spousal visa, ukuze angene kule lizwe njengowesilisa oshadelwe umuntu wesifazane wakule lizwe,” kusho uNetshiunda.
Uthe uma oshadisiwe esefikile eNingizimu Afrika ufaka incwadi yesehlukaniso somshado nasuke eshadiswe naye, bese elanda umuntu wakhe wangempela ngoba usuke esenobuzwe bakuleli.
UNetshiunda uthe bathole nokuthi kunomsebenzi womnyango obesebenza nala bantu, ebathumelela nama-screenshot ezinto zasemsebenzini nokuyinto engavumelekile.
“Lo msebenzi ubeze ababuze abasolwa ukuthi sebehambe ibanga elingakanani ngesicelo salowo osuke eshadiswa ngokungemthetho. Sesiyamazi ukuthi ungubani lo msebenzi osekusele ukuthi aboshwe,” kusho uNetshiunda.
Amaphoyisa ashaqe konke obekusetshenziswa abasolwa namaphepha ezicelo “ebezingakagunyazwa”
Amaphoyisa athi okwamanje awakwazi ukusho ukuthi inesikhathi esingakanani le ndawo isebenza kodwa sesiside.
Awafunanga ukusho ukuthi ayivundulule kanjani kodwa athi ezobunhloli eziyitholile.
“Umnikazi wale ndawo washada ngokungemthetho nomuntu wesifazane wakuleli ngo-1999. Wabe eselanda inkosikazi yakhe ePakistan, wadivosa owakuleli abeshade naye. Le nto wayenza eminyakeni engu-25 edlule, uyacabanga-ke ukuthi singakanani isikhathi yenzeka le nto,” kusho uNetshiunda.
Amaphoyisa ebekukhona nakaMasipala weTheku abengahleki engathi nsi esesha le ndawo kukhona naweSAPS ephethe izinhlokohlela zezibhamu.
Abasolwa bebelokhu bechaza into engapheli futhi engezwakali bephonswa imibuzo abasebenzi bomnyango namaphoyisa. Bekuphethwe nomshini obuqinisekisa ubunikazi bomazisi abebesemaphepheni atholakale kuleli hhovisi.
Bese liyozilahla kunina amaphoyisa ephuma nabasolwa kuleli bhilidi abafaka ezimotweni, akhala amaphepha nabo. Lawo abekade ephethe izinhlokohlela zezibhamu alandele ngemuva kwazise abelawula nokuhamba kwezimoto emgwaqweni ngesikhathi kuphunywa nabasolwa beyofakwa ezimotweni.