KUGXEKWE inhlangano elwa nabakuleli ngokungemthetho, i-Operation Dudula, ngesikhathi kuqhubeka imigubho yoSuku lwamaLungelo aBantu eyehlukene.
Abaholi okubalwa kubo uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa nomholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, bagxeke okwenziwa yile nhlangano ngesikhathi bethula izinkulumo emicimbini eyehlukene ebiyizolo.
Amalungu e-Operation Dudula asebe nemikhankaso eminingi lapho ephikisana nokuqashwa kwabokufika abakuleli ngokungemthetho. Imikhankaso yabo iholele ekulahlekeni kwemiphefumulo emva kokuqubuka kodlame phakathi kwabakuleli nabokufika.
URamaphosa noMalema bathe abantu bakuleli akufanele balwe nabantu basemazweni angaphandle. Uphinde wagxeka izinkampani eziqasha abakuleli ngokungemthetho, wathi lokhu kubhebhezela uthuthuva phakathi kwabakuleli nabokufika.
Unxuse uMnyango wokuQasha nezabaSebenzi ukuthi wenze isiqiniseko sokuthi izinkampani ziyayilandela imigomo uma ziqasha.
“Abaqashi kufanele benze isiqiniseko sokuthi baqasha kuphela labo abanemvume yokusebenza kuleli. Ukuqashwa kwabantu abakuleli ngokungemthetho kudala ukuthi abantu bakuleli babhekane ngeziqu zamehlo nabantu bokufika.’’
URamaphosa ubekhuluma emgubhweni kahulumeni walolu suku obuseNorth West. Utshele abebehambele umcimbi ukuthi akulungile ukuthi abantu bakuleli bahlasele abokufika.
“Thina njengabantu bakuleli lizwe sinobudlelwano obuhle nabantu bangaphandle. Akufanele sibukeke njengabantu abalwisa abantu bokufika.”
UMalema yena usole amalungu e-Operation Dudula “ngokuqinela” abokufika. UMalema, obekhuluma emcimbini obuhlelwe yiqembu lakhe obuseSharpeville, uthe ziningi izinto ekufanele engabe amalungu e-Operation Dudula ayazilwela.
“Kungani amalungu e-Operation Dudula engalweli ukuthi kubuyiswe umhlaba? Kungani bengathathi ngenkani umhlaba? Kungani bengalwi nabantu abamhlophe okuyibona abagweve nomnotho wakuleli? Yini befune ukulwa nabakithi kuphela?”
UMalema uthe bayafisa ukuthi ngelinye ilanga ukuthi uSuku lwamaLungelo aBantu balugubhe nePAC khona eSharpeville.
Ibiminingi eminye imigubho ebihlelwe ngamaqembu ezepolitiki ehlukene.
Amaqembu, i-PAC ne-Azapo, agubhe usuku lwayizolo ngokubambisana. La maqembu abe nomcimbi khona eSharpeville.
I-ACDP yona ibe nombhikisho ngaphandle kwezindlu zoMbuso, eTchwane, lapho ibilwa nokuphoqwa kwabantu ukuthi baveze ubufakazi bokuthi balugomele ubhubhane iCorona.
KwaZulu-Natal, uNdunankulu Sihle Zikalala, wethule inkulumo emgubhweni wesifundazwe kahulumeni obuseXopo. Kulo mgubho, uZikalala ukhuze udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.
I-DA yona ibinombhikisho ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa eNanda. Le nhlangano ikhale ngezinga eliphezulu lubugebengu endaweni.