KUSHESHE kwaguqa ukuqulwa kwecala lokubulawa kowayengunozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa, ummangalelwa wokuqala ekhala ngokuxinwa yisisu.
OMuzikawukhulelwa Sibiya, Bongani Sandiso Ntanzi, Mthobisi Prince Mncube, Mthokoziseni Maphisa noFisokuhle Nkani Ntuli baphambi kweNkantolo eNkulu yasePitoli ngokufa kukaMeyiwa.
Icala liguqe isikhulu enkampanini yamaselula iVodacom, uNksz Pinky Vythilingam, sisaqhubeka nokwethula ubufakazi baso obumayelana nokusetshenziswa kwamaselula abathinteka kuleli cala.
UNksz Vythilingam ubethula ubufakazi bakhe eholwa uMshushisi woMbuso u-Advocate Ronnie Sibanda.
USibiya uphakamise isandla ecela ukulumana indlebe nommeli wakhe, u-Adv Thulani Mngomezulu.
UMngomezulu ubuye kuSibiya watshela inkantolo ukuthi ummangalelwa wokuqala uthi akazizwa kahle, ukhishwe yisisu ekuseni.
“Manje senze njani?” kubuza ijaji elengamele ukuqulwa kwecala, uRatha Mokgoatlheng.
“Ummangalelwa wokuqala uzwakalise ukuthi ucela liguqe icala, lihlehliselwe usuku lwakusasa,” kuphendula uMngomezulu.
UMokgoatlheng obezwakana engagculisekile, ubuzisise ukuthi simqale nini isisu uSibiya, uMngomezulu waphendula ngelithi: “Ekuseni namuhla (esho izolo)”.
UMokgoatlheng wexwayise ngokuthi uzoyidinga incwadi kadokotela ozomhlola uSibiya aphinde amnike nemithi, ozokwenaba ngokuthi uguliswa yini.
Icala liyabuyela enkantolo namuhla.