IZINTOMBI nto, ebezihambele umcimbi wokugqugquzela ukuhanjelwa koMkhosi woMhlanga, zigubhe usuku lokuzalwa komholi we-IFP, uMntwana Mangosuthu Buthelezi, obuseMnqobokazi eHluhluwe.
Lo mcimbi, obizwa ngokuthi Siyaya eMhlangeni nobuhlelwe uMasipala weBig 5 Hlabisa, ubuhlanganise amakhulu ezintombi nto, omama abazihlolayo namalungu omphakathi.
Izintokazi zigubha lolu suku nje, uMntwana uButhelezi kubikwa ukuthi uyelulama esibhedlela.
UNksz Nkululeko Buthelezi, oyigosa lezintombi, uthe kubaluleke kakhulu kubona ukubungaza uShenge ngoba ungomunye wabantu abadala okubukelwa kubo nonolwazi olujulile ngamasiko.
"Yize sihlangene lapha ngokuzovivela uMkhosi woMhlanga, inhlosongqangi yosuku ukuthi siphinde sibungaze umkhulu wethu esiziqhenyayo ngaye, uMntwana uButhelezi. Siyamkhulekela ukuthi alulame khona ezokwazi ukuhlanganyela nathi eMkhosini woMhlanga njengayo yonke iminyaka," kusho uNksz Buthelezi.
Izintombi zasezindaweni ezahlukene esifundazweni seziqalile ukuvivela uMkhosi woMhlanga.
Okokuqala uzobanjelwa esigodlweni saseMachobeni, eNgwavuma, ngoLwesihlanu, owesibili uzodlulela KwaNongoma esigodlweni saseNyokeni ngoMgqibelo.
IMeya yoMkhandlu weBig 5 Hlabisa, uMnuz Comfort Khumalo, ithe isasasa liphezulu kakhulu njengoba isibalo sezintombi senyukile.
"Kumanje umasipala umatasatasa nokuqoqa amabhasi azothwala lezi zimbali zesizwe. Kuyasithokozisa kakhulu ukubona izintombi zikhombisa ukuba nentshisekelo engaka futhi siyazigqaja kakhulu ngokuzigcina kwazo," kusho uKhumalo.
Unxenxe uMnyango wezamaCiko namaSiko ukuba ulekelele ukuze bakwazi ukwandisa isibalo samabhasi.