ZIKHAHLELE ingubo zadela amakhaza ashubisa umnkantsha izakhamizi zaseNingizimu Afrika zanikela emnyango ukuyozijabulisa ngembijane yeqhwa njengoba bekukhithika kwezinye izingxenye zezwe.
Yize lokhu kungaqali, kujwayele cishe minyaka yonke kwezinye izindawo ezifana naseMpendle, Mafakatini, Bulwer nakwezinye kodwa kulo nyaka kukhithike ngisho eGoli nokwenze kwaba nenhlokomo.
Izakhamizi ziluthakasele kakhulu lolu suku njengoba zibonakale zinameka ama-video ezinkundleni zokuxhumana ikakhulu uTik Tok ziveza ukuthi zihambe ibanga elide zivakashela izingxenye ezineqhwa. Lokhu bekwenziwa ngisho nangabanye bosaziwayo bejabulela imvelo.
Omunye wabo yisilomo somculi uJoel Zuma oziqophe i-video likhithika bukhoma.
"Ekugcineni sengiseqhweni, ngihambe ibanga eliwu-20km ngiza lapho kukhithika khona ngoba bengibona ngiyasala, wonke umuntu eGoli ubekhuluma ngaleli liqhwa," kusho uJoel enandisa samuntu owenza isibikezelo sezulu.
UThembi Seete naye ubonakele likhithika eshaya eminye yemidanso adume ngayo kulezi nsuku kuTik Tok.
U-Anele Mdoda nozakwabo kwi-947 nabo babonakele ekuseni bejabulela lokhu kukhithika.
Isithombe esibunjwe ngeqhwa nesaziwa kakhulu emazweni aphesheya sibizwa ngoSnowman, asisalanga ngaphandle kodwa obekuhlaba umxhwele wukuthi owakuleli wehluke kakhulu.
Ngokujwayelekile uSnowman ubunjwa ngesineke nangeqhwa elanele bese ehlotshiswa aswenkiswe kahle ahlale izinsuku egcekeni nasemgwaqweni.
Ukuba yimbijane kweqhwa ezindaweni eziningi kwenze abantu bakhipha izithombe ezahlukile nebekukhombisa ukuthi bese bephuthuma lingaze lincibilike.
Yize iningi lezithombe linabanikazi kodwa bese kukhona nezishayisa amakhala okungacaci noma nazo ezakuleli ngempela yini.