KUGQAME eyokuhamba kancane ekubuyisweni komhlaba ngoLwesine kugujwa usuku lwamalungelo esintu eSharpeville eGoli.
UMengameli wePAC uMnuz Narius Moloto unxuse uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa ukuthi asheshise izinguquko kwezomhlaba ukuze kuzuze abantu abamnyama.
Uthe ufuna ukugcizelela ukuthi into esilele emuva ngemuva kwempi ende yokulwa nobandlululo wudaba lomhlaba.
“Njengoba sigubha iminyaka engu-59 yesibhicingo saseSharpeville, siyazi ukuthi abantu abamnyama okuyibo abaningi abanawo umhlaba. Sibhekene nenkinga ngoba sisebenzisa kuphela u-13% womhlaba osezandleni zabaholi bomdabu/ Ngiyajabula ukuthi uMengameli ukhona, kumele kube nesivumelwano ngodaba lo mhlaba ngoba iCodesa ayibenzelanga lutho abantu bakuleli,” kusho uMoloto.
URamaphosa uvumelane noMoloto wathi kudingeka kusheshiswe indaba yomhlaba.
“Ngiyavumelana nawe ukuthi kudingeka kube nezinguquko ezisheshayo odabeni lwezomhlaba. Yiyona nto ebalulekile kubantu bethu,” kusho uRamaphosa.
URamaphosa uthembise ukuthi izodlula inkinga ebheken nezwe ethinta ukunqanyulwa kukagesi.
“Ngo-1994 bangu-36% kuphela abantu ababenogesi manje kwabangu-10 bangu-8 abanogesi. Sisebenza ngamandla ukuxazulula inkinga ebhekene nokucisha kukagesi. Ziningi izinhlelo esizenzayo ukuze kuphele indaba yokunqanyulwa kukagesi. Izophela le nkinga kagesi ebhekene nezwe njengoba saqeda ubandlululo.”
Uthe bazoqeda balwe nendaba yokungasebenzi, ububha njengoba balwa nobandlululo.
“Asibambisane ukuze sidlule enkingeni kagesi. Asibambisane silwe nokungasebenzi nobubha, inkohlakalo kanjalo nobugebengu.”
URamaphosa uthe kubalulekile ukuthi izilimi zesintu zingashabalali. “Siyajabula ukuthi ulimi iKhoi San seluyafundwa ezikoleni zaseNorthern Cape.
Ngesikhathi kunezingxoxo kuleli, ababesicindezele babefuna sisebezise isiNgisi nesiBhunu kuphela. Siyajabula manje ziningi izilimi kuleli futhi sekunolimi iSign Language olufundwa ezikoleni.”
UMoloto uthe wonke amaqembu alwa nobandlululo kumele angashiywa ngaphandle. Uthe njengoba kuyiwa okhethweni akumele kuphele ngawo kube sengathi awakaze abekhona.
NgoMashi 21, 1960 kwabulawa abantu abangu-60 kwalimala inqwaba ngesikhathi amaphoyisa evulela ngenhlamvu kwababemashela ukungaphathi amapasi.
URamaphosa uthe ngeke babakhohlwe abantu abafa eSharpeville nabafa eLanga bebhikishela ukungaphathwa kwamapasi.
UNksz Priscilla Jana, iPhini likaSihlalo wekhomishini yamalungelo, esintu, uthe kuyadabukisa ukuthi inqwaba yabantu iyahlupheka wathi babalwa abacebile.
Uthe izinga lokungasebenzi liphezulu wathi umhlaba awukabuyeli kubantu yize sekuphele iminyaka engu-25 kwaba nentando yeningi.