IBHOKELWE umphakathi yehlela ngezansi inkosi okuthiwa ibimise uhlelo lwezigidi zamaRandi lokufakwa kwetiyela endaweni yayo.
Inkosi yakwaZashuke, eBulwer, uPhimbo Ngubane, imemezele ukuthi kuzoqhubeka ukufakwa kwetiyela emva komhlangano womphakathi, lapho izakhamuzi ziyisole ngokumisa ukufakwa kwetiyela.
Bese kuphele amasonto amathathu kumile ukufakwa kwetiyela elingu-11 km elisuka kwaBhidla, liya eNkwezela.
Ukufakwa kwetiyela kwabelwe uR297 million.
NgoMgqibelo, kwakunomhlangano womphakathi, lapho izakhamuzi zasola uNgubane ngokuvimba intuthuko.
UNgubane kuthiwa wamisa inkontileka efuna ukuthi osomabhizinisi bendawo bahlomule, efuna nokwazi ukuthi abantu abazophazanyiswa ukwakhiwa komgwaqo bazonxeshezelwa kanjani.
NgoMsombuluko, kuphinde kwaba nomunye umhlangano womphakathi, lapho uNgubane eveze khona ukuthi ukwakhiwa komgwaqo kuzoqhubeka.
Emhlanganweni, uNgubane uthe usamile kwakufunayo, kodwa wathi bavumelene ngokuthi usonkontileka aqhubeke nomsebenzi.
"Ngisamile kwelokuthi ngifuna uR61 million usale kule ndawo. Nalabo umgwaqo ozodlula emagcekeni abo, kuthinteke amathuna, kufanele bathole izinxephezelo. Lokho sizokuxoxa kodwa inkontileka izobe iqhubeka.
"Ngithe angizehlise kinina. Ingakho ngithe angizizele mina noma bengimatasa. Angifuni nithi inkosi isifakwe igwinya. Angifuni nithi kwakufika yona (inkosi) ngesikhathi kusazovinjwa, uma sekunezivumelwano ayisafiki."
Ikhansela lendawo, uMnuz Sipho Mthembu, lithe uzoboshwa umuntu ozophinda azame ukumisa ukwakhiwa komgwaqo.
"Kuyongiphoqa ukuthi ngivele ngibize amaphoyisa azobopha umuntu. Angikhathali ukuthi unasiphi isikhundla. Ngizobiza amaphoyisa afike ngo-12 azokubopha. Ngeke sivume ukuthi kube nomuntu ozomisa intuthuko."
UNgubane usole ababebize umhlangano wangoMgqibelo ngokungcolisa igama lakhe, wathi uthukwa ngazo zonke izinhlamba.
"Kuthiwa ngiyinkosi eyixoki, eyiphixiphixi. Iqiniso ukuthi mina ngisuke ngilwelwa nina. Nina nibanga ithambo elingenanyama, niyayiyeka inyama."
Osekomitini lomphakathi, uMnuz Mnelisi Shange, ukuphikile ukuthi bahudulela phansi igama likaNgubane.
Uthe babiza umhlangano wangoMgqibelo ngoba bekhathazekile ngokumiswa kokwakhiwa komgwaqo.
UMnuz Salanjalo Mncwabe, uthe kwakungafanele uNgubane amise ukwakhiwa komgwaqo engakhulumile nesizwe asibusayo.
"Inkosi iyinkosi ngesizwe sayo. Inkosi ayikwazi ukuyokwenza into engafunwa isizwe sayo. Awukwazi ukuhamba uthi uyongikhelela amanzi, ungangibuzile ukuthi ngiyawadinga yini."
UMnuz Bheki Sithole, uthe uNgubane wake wamisa ukwakhiwa kwemigwaqo engenela emakhaya, efuna ukukhokhelwa inkampani eyayinikezwe umsebenzi.
"Nalapho samncenga, sathi ngoba ayikho into ebhalwe phansi ethi usonkontileka akamnike uR30 000, sicela abadedele baqhubeke nomsebenzi. Inkwali yahlala emgwaqweni, kwaze kwadaleka ingozi."