AMAPHOYISA asoSizweni, eNewcastle, acela umphakathi uwalekelele ukufuna uMnuz Darlington Paseka Sehloho (52), oduke ngoMashi 31, kulo nyaka.
UMnuz Sehloho kuthiwa wagcina ukubonakala esuka endaweni ayeqashe kuyona ese-Inverness Farm New Stands khona Osizweni.
Wayehamba ngeveni emhlophe iNissan NP200 izinombolo zayo ezithi; KHD494 NW.
Wayegqoke ijakhethi e-navy blue neyembe elinombala omhlophe no-nanvy blue.
USehloho usebenza njengojele e-Ekuseni, eNewcastle.
Wabikwa ukuthi udukile wumphathi wakhe emuva kokuthi ebona sekuphela izinsuku eziningi engafiki emsebenzini.
Kwathi noma bezama ukuyombheka lapho ehlala khona bangamfica, base bebikela amaphoyisa.
Kucelwa noma wubani onolwazi ngokuduka kukaSehloho ukuthi athinte uCaptain Sibeko ku-079 500 0505 noma ashayele ku: 034 477 8013, kanti abantu bangasheya ne-Crime Stop ku: 08600 10111.