KUTHUNGATHWA abasolwa abaphuce iphoyisa likamasipala, isibhamu babaleka naso eWaterloo ngaseVerulam.
Iphoyisa lesilisa kuvele ukuthi beliyothenga ukudla esitolo ngesikhathi kuqhamuka abasolwa ababili baliphuca isibhamu neselula.
Abasolwa kuthiwa bashaye bachitha ngemoto. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuthungathwa abasolwa.
“Namhlanje ngabo-10 ekuseni iphoyisa belithenga ukudla labanjwa inkunzi laphucwa isibhamu neselula. Amaphoyisa aseVerulam avule icala lokubamba inkunzi. Kusaphenywa, akekho oboshiwe,” kusho uCap. Gwala.
Abezimo eziphuthumayo bakwaReaction Unit South Africa (RUSA) babiziwe endaweni yesigameko, bafica selidume ladlula abasolwa bengasabonwa.
Ngokwesitatimende sabo, iphoyisa ebelisemsebenzini belidla inyama ngesikhathi kuhlasela abasolwa baliphuca isibhamu.
“Iphoyisa alizange lilimale kulesi sigameko. Kuthiwa. abasolwa babaleke ngemoto iToyota Etios,” kusho abeRUSA.