ISABISA ngombhikisho ngokugqoza kwezindawo zokuhlala ezikhungweni zemfundo ephakeme inhlangano yezitshudeni, i-Sasco.
Le nhlangano ithe le nkinga yaminyaka yonke, ayifuni ukuxazululeka kuleli.
UMengameli we-Sasco, u-Alungile Kamtshe, uthe inkinga ibhekene nezitshudeni ezweni lonke.
Ukhale ngesikhwama i-National Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS), wathi asisheshi siphendule izitshudeni ezithole uxhaso.
“Sinenkinga yokushoda kwezindawo zokuhlala ezikhungweni zakuleli. Iqiniso lithi izitshudeni seziqalile zilala endle, ezinye zilala emaphaseji ezikhungo ngoba zishoda ngendawo yokuhlala,” kusho uKamtshe.
Uthe ngenye yezinto abaxoxe ngazo emhlanganweni wesigungu esiphezulu senhlangano, osongwe izolo.
Uqhube wathi bafuna umhlangano noNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uDkt Nobuhle Nkabane, ngale nkinga.
“Inkinga isazokhula ngoba kusaqala ukubhalisa. Sizongena emgwaqweni uma le nkinga igcina ingaxazululeki. I-NSFAS yaqala uhlelo lokuthi ikhethe izindawo ezithile zokuhlala, kwazona ezingenele,” kusho uKamtshe.
Le nkinga yokuntuleka kwezindawo zokuhlala isiphenduke insakavukela minyaka yonke.
Nyakenye, izinkumbi zezitshudeni zagcina sezilala endle ngoba zixoshwe omastende abangakhokhelwe.
Kwenzeka lokhu nje, kunomsindo phakathi kwenhlangano ehlinzeka ngezindawo zokuhlala ne-NSFAS.
Le nhlangano ikhala ngokuthi i-NSFAS ikweleta le nhlangano u-R44 million, wanyakenye ongakhokhiwe. I-NSFAS ithi isacubungula ukuthi kumele yini ikhokhe.
Abale nhlangano basabisa ngokuthi omastende bazophoqeleka ukuthi bazikhombe indlela izitshudeni ezingakhokheliwe yi-NSFAS.
I-NSFAS isanda kuxwayisa omastende ukuthi bayeke ukufuna imali yerenti kwizitshudeni ezisalinde ukukhokhelwa yilesi sikhwama.
Lesi sikhwama sithe uma kwenzeka isitshudeni siphucwa uxhaso yi-NSFAS ngoba sixhaswe kungafanele, leso sitshudeni ngeke sithwale ijoka lokukhokha irenti ngezinyanga esizihlalile kuleyo ndawo.
Siphinde saxwayisa labo abazongena ezindaweni zokuhlala ngaphandle kokugunyazwa yi-NSFAS, ukuthi kumele bazi ukuthi lesi sikhwama singanquma ukungasikhokhi leso sikweletu.
“Lesi sikweletu sizowela ezandleni zesitshudeni,” kusho i-NSFAS.
Izinhlangano zezitshudeni zazihlabe ikhwelo lokuthi le nkinga ingaziphindi kulo nyaka kodwa kubukeka umlando uzoziphinda futhi nakulokhu.