ZIFUNWA uthuli “izinkabi” okuthiwa zigasele endaweni yobumnandi eWiseman Car Wash KwaMashu eThekwini, zavulela ngenhlamvu kwashona usomatekisi nomsebenzi wakule ndawo.
UMnuz Menzi Simelane, obenamatekisi ahambela emzileni kasoseshini iNtuzuma B/ Richmond Farm, udutshulwe ngesikhathi ezolanda imoto yakhe iVW Golf 7 kule ndawo ngoMsombuluko ntambama.
Ngesikhathi kudutshulwa lo somatekisi kube sekudubuleka nomsebenzi oyimenenja lapho kuwashwa khona izimoto okuvele ukuthi nguMnuz Bhekuzulu Mthethwa.
Umthombo weSolezwe ongathandanga ukudalulwa uthe ukubulawa kwalo somatekisi kuhlobene nombango wasembonini yamatekisi yize kungakacaci ukuthi kubangwani.
Kwenzeka lesi sigameko nje kusanda kubulawa uMnuz Thabiso Dlamini wakusoseshini waseNanda, naye ulandela usihlalo wakusoseshini waseMaoti uNkk Sibongile Ntshangase (61).
Imenenja ehhovisi leSantaco eKZN, uMnuz Sfiso Shangase, unxuse ukuthi kube nokuthula kule mboni wathi ababulali kumele baboshwe ukuze bezoveza ukuthi bathunywe ngubani.
“Kuyasikhathaza ukuthi abanikazi bamatekisi aseGreater North bahlaselwe badutshulwe babe bathathu belandelana. Sisalindele ukuthola ebuholini bakhona ukuthi yini inkinga eholela ekubulaweni kosomatekisi abangaka. Indaba yezinkabi ngokuqonda kwethu, abantu abasuke bekhokhelwe ukuthi babulale abathize ngenxa yezizathu ezithile, abekho embonini. Sifisa kuboshwe lezi zinkabi ezisuke zithunyiwe bese zona zikhipha amagama abantu abasuke bezithumile.”
UMNUZ Menzi Simelane, usomatekisi obulewe
Isolezwe livakashele indawo yesigameko izolo KwaMashu, umsebenzi ubuqhubeka ngokujwayelekile, bekuwashwa izimoto abanye bosa inyama.
Umnikazi weWiseman Car Wash kuthiwe akekho, nemenenja yakhona kuthiwa ayikho isanda kuphuma. Imizamo yokubathola ocingweni ayizange iphumelele.
Imizamo yeSolezwe yokuthola imindeni yababulewe ayizange iphumelele.
USimelane kuvele ukuthi uke wasebenza nakusoseshini waseLamontville kodwa amatekisi akhe akhishwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt. Colonel Thulani Zwane, uthe bafuna uthuli abasolwa kulawa macala kanti akukaboshwa muntu.
Esigamekweni sokubulawa kukaNtshangase, okhulumela usoseshini waseMaoti, uMnuz Micheal Makhathini, uthe indodana kaNkk Ntshangase ahlala nayo yayingekho ngenkathi kufika abahlaseli.
“Ngokuzwa kwami kwafika abasolwa ebusuku kakhulu bangena endlini kaNkk Ntshangase bavulela ngenhlamvu bebhekise kuye base babaleka,” kusho uMakhathini.
UMakhathini uthe bashaqekile ngokushona kukaNkk Ntshangase njengoba ubengumuntu ongenazingxabano nabantu.