Kudutshulwe kwafa ababili, kwalimala abathathu ngesikhathi amadoda angaziwa evulela ngenhlamvu ethaveni kuBhabhatane Street, eWalmer, e-Eastern Cape, ngeSonto.
UKhomishana wamaPhoyisa kulesiya sifundazwe uLieutenant General Nomthetheleli Mene, uthe uphatheke kabi ngalokhu kudubula athe kwenzeke ngoSuku lweNtsha, okuyiholidi lokubungaza nokuhlonipha intsha ezweni.
Kubikwa ukuthi ngabo-11.20 ebusuku amaphoyisa abizelwe ethaveni lapho kuthiwa kungene abesilisa abahlanu bavulela ngenhlamvu kwabebephakathi.
Kuthiwa la madoda abezifihle ubuso.
“Kudutshulwe kwafa ababili, owesifazane oneminyaka engu-18 nowesilisa iminyaka yakhe engaziwa kwathi abathathu okungabesilisa ababili nowesifazane balimala,” kusho okhulumela amaphoyisa uColonel Priscilla Naidu.
Uthe imbangela yalokhu kuhlasela ayikaziwa futhi icala liphenywa wuphiko lweProvincial Serious and Violent Crimes Unit
“Sinxusa umphakathi ukuthi usisize ngalolu phenyo futhi sicela noma ubani onolwazi ukuthi asondele. Ukubambisana nathi kubalulekile ukusisiza sithole izimpendulo kuleli cala nokuthi sigweme olunye udlame emphakathini wethu,” kusho uLt Gen Mene.