AYIQONDAKALI imbangela yokudusthulwa kubulawe ilungu eliphambili esigungwini sasebukhosini Osuthu.
UDkt Dumisani Khumalo ubulawe ngoMgqibelo ebusuku esekwakhe eBethany emuva kokuba yingxenye yoMkhosi woMhlanga obusesigodlweni saseNyokeni kwaNongoma.
UKhumalo wayeyisithenjwa seSilo samamaBandla esakhothama kanti uphinde waseduze neSilo uMisuzulu kaZwelithini.
Ngokusho kwemithombo, uKhumalo udutshulwe ngamadoda angaziwa ngezithuba zango-11 ebusuku, maqede abaleka.
“Kuyaxaka ukuthi kufikwe kusatshiswe ngokuchitheka kwegazi bese kubulawa ilungu lomkhandlu wasebukhosini ngale ndlela. Kukhona okushaya amanzi,” kusho ilungu lasebukhosini elingafunanga ukudalulwa.
UKhumalo ubesehlezi esesigodlweni iKhangelamankengane kanti wayenguSihlalo wesigungu esaphakamisa ukuthi iSilo sikhulule emsebenzini wakhe, owayengumholi wamabutho ongasekho, uMgiliji Nhleko.
Kulindeleke ukuthi iNdlukulu ikhiphe isitatimende mayelana nokubulawa kukaKhumalo.
UKhumalo wayengumhloli wezikole obesathathe umhlalaphansi.