USADIDEKILE umndeni wowesilisa waKwaNomyele eBhamshela kulandela ukubulawa kwakhe kusaphele izinyanga ezimbili kubulawe abazali bakhe.
UMnuz Londa Ndimande (34) kuthiwa udutshulwe abantu besilisa ababili esangweni lasemzini kayise eMount Royal ngaKwaMashu ngoLwesithathu. Kuthiwa ufele endaweni yesigameko.
Udadewabo kamufi uNksz Nonzuko Ndimande uthe basadidekile ngokuthi kwenzekani ngempela emndenini wabo.
Uthe abazi noma lesi sigameko sakamumva kufanele yini basiyamanise nesokubulawa kukayise nonina esenzeke ekhaya KwaNomyele ngoJulayi 14.
Esigamekweni sangoJulayi, Isolezwe elabika ngaso, kuthiwa kwangena umuntu ongaziwa, wabingelela ngaphambi kokuba adubule uMnuz Mnikwa Ndimande (78) nenkosikazi yakhe, uNkk Khonzaphi Ndimande (67) bafa.
“Asazi ngempela ukuthi yini okufanele siyicabange, sididekile,” kusho uNksz Ndimande.
Uthe umfowabo ubesemningi eGauteng kodwa ubevakasha isikhashana ekhaya eBhamshela naKwaMashu abuye aphindele emumva.
Uthe kwenzeka lesi sigameko nje ubefike eMount Royal ngoLwesibili, ezodlulela eBamshela ngoLwesithathu ebusuku, kanti ngeke kusenzeka.
Omunye wabangani bakamufi ocele ukungadalulwa uthe zikhona izinsongo ebezikhona ngempilo kaNdimande.
Uveze ukuthi ngosuku lwesigameko kuthiwa kukhona imoto ebilokhu izulazula ngakubo.
“Sizwa kuthiwa uze wabiza umfowabo omdala ohlala endaweni ukuthi akeze azohlala naye kancane ngaphambi kokuba baye eBhamshela,” kusho umngani.
Uqhube wathi emizuzwini embalwa ngaphambi kokuba adutshulwe, uNdimande uthume yena umfowabo omdala ukuthi ahambe ayobheka le moto ebilokhu izungeza ngakubo ukuthi iphelelaphi.
“Nebala uhambile wayobheka. Uhlangane nabesilisa ababili beya ngalapho abeqhamuka ngakhona. Akabanakanga. Ubesaqalaza ukuthi iphelelaphi le moto ngesikhathi ezwa sekuqhuma isibhamu emva kwakhe, kwathi uma ebuyela emumva wathola ukuthi uNdimande usedutshuliwe,” kusho umngani.
Uthe kuthiwa abesilisa ahlangane nabo umfowabo kamufi, bebeqathazwe yiyo le moto umufi abethi akayoyibheka.
Uveze ukuthi uNdimande uke wamuthi fahla umfowabo ukuthi kukhona abantu abafuna ukumbulala, kanti ngezikhathi zasekuseni uke washo nokuthi uzwa eshiywa yigazi, ngakho kufanele bahambe, angalali eMount Royal.
“Uma efikile endaweni, ubelala ubusuku obubodwa, ngakusasa adlulele kwenye indawo. Mina kuthi angikuhlanganise ukudutshulwa kwakhe nalokho kwabazali bakhe ngoba asisaqondi ukuthi kwenzekani ngempela. UNdimande thina asimazeli izindlela ezingacacile ezingaze zimbulalise, sazi ukuthi ubewumuntu wabantu kuphela,” kusho umngani.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala usiqinisekisile isigameko, wathi amaphoyisa asePhoenix aphenya icala lokubulawa kowesilisa (34).