IDIDEKILE imindeni yezithandani zaKwaMangethe, eMandeni okuthe ngoMgqibelo zatholakala zidutshuliwe emzini obekuhlala kuwona owesifazane obengunobhala esiteshini samaphoyisa saseMandeni.
UMnuz Nkomo (igama elingatholakalanga) kuthiwa kwembulwa kwembeswa kuyena esibhedlela njengoba edubuleke kabi kanti uNksz Cebi (Isolezwe eligcine lingayitholanga imininingwane egcwele ngaye) kuthiwa utholakale eseshonile.
Imindeni yabo yomibili kuthiwa isithembe ukuthi asinde uNkomo ukuze kube uyena ozobatshela ukuthi bekwenzenjani.
Akucaci ukuthi badutshuliwe yini noma phakathi kwabo kukhona owenze lesi sigameko.
Umthombo weSolezwe osondelene nemindeni yomibili uveze ukuthi owesifazane ubehlala yedwa phakathi nesonto njengoba uNkomo ubesebenza ePort Shepstone abuye uma kuyimpelasonto kuphela.
"Ngesikhathi betholakala isimo sibe sibi kakhulu emindenini yomibili njengoba bebengahlali namuntu bekuyibona bobabili nje. Okubuhlungu wukuthi akwaziwa ukuthi yini eholele kulesi simo ngoba akekho nowazi nangezingxabano ebekungenzeka ukuthi zikhona phakathi kwabo," kusho umthombo.
Uveze ukuthi ngisho emphakathini abantu bathukile ngemuva kokuzwakala kwalolu daba.
Abezimo eziphuthumayo bakwa-IPSS Medical Rescue okuyibona abafike kuqala endaweni yesigameko bathe babafice belele phansi egunjini lokulala, nokuyilapho bezame khona ukuphephisa owesilisa ogcine ephuthunyiswa esibhedlela ngendiza enophephela emhlane.
Bathe ngokolwazi nabo abalutholile akucaci noma oyedwa kubo owenze lesi sigameko noma kukhona ababahlasele.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, usiqinisekisile lesi sigameko wathi amaphoyisa aphenya icala lokubulala.
"Imbangela yokudutshulwa kwabo ayikaziwa okwamanje kodwa kusolakala ukuthi isondelene nokuhlukumezeka othandweni njengoba eduzane kowesilisa kutholakale isibhamu," kuchaza yena.