KULOKOZA inhlansi yethemba lokuthi uzobuthola ubulungiswa unina womfana (9) onqunywe ingalo emuva kokungeniswa esibhedlela Osindisweni ephuke ingalo.
UNksz Nozipho Ngcobo utshele Isolezwe ukuthi yize inhliziyo yakhe isebuhlungu ngokwehlele indodana yakhe kodwa unethemba lokuthi uzobuthola ubulungiswa.
Uveze ukuthi emuva kokuthi udaba lwakhe luvele kwiSolezwe, uthole ummeli othe uzomlungisela udaba lwakhe.
“Into engiyifunayo wukuthi indodana yami ibe nekusasa eliqhakazile. Ngifuna ikwazi ukufana nezinye izingane, ifunde, ifakwe isandla sokufakelwa esisezingeni lesimanje. Ngiyazi ukuthi luselude ukhalo kodwa ummeli wami uthe ngingakhulumi nabantu, nginitshele nithinte yena,” kusho uNksz Ngcobo.
Indodana kaNksz Ngcobo yaphuthunyiswa esibhedlela Osindisweni iphuke ingalo emasontweni amabili edlule. Yagcina isiyiswa e-Addington emuva kokubolelwa yingalo.
Odokotela base-Addington bathola ukuthi ingalo yayo ibisibolile ngenxa yokuthi ukhonkolo eyayifakwe wona Osindisweni, wawuqinile igazi lingakwazi ukuhamba engalweni. Ingalo igcine isinqunywa.
Ummeli, uNkk Silondile Mpungose wenkampani yabameli iMpungose Attorneys, ukuqinisekisile ukuthi ungummeli kaNksz Ngcobo.
“Okwamanje akukho okutheni esingakusho ngaphandle kokuthi siyamlekelela uNksz Ngcobo ukuze athole ubulungiswa. Sesiluqalile uhlelo lokuthintana naboMnyango ukuze kwenziwe okufanele. Luselude ukhalo oluzohanjwa kodwa esingakuqinisekisa wukuthi ingane izobuthola ubulungiswa,” kusho uNkk Mpungose.