KUJUTSHWE abaholi bamaqembu ahlukene okubalwa nosihlalo weFederal kwi-DA uNkk Helen Zille, ethimbeni elizobheka izikhalo ngomthetho wezikole okunemvunge ngawo iBela.
Kuleli thimba kukhona nephini likangqongqoshe emnyangweni wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uDkt Cornelius Mulder weFreedom Front Plus; UMnuz Brett Herron weGOOD Party noSotswebhu we-ANC ePhalamende uMnuz Mdumiseni Ntuli.
Lokhu kuvezwe yihhovisi lePhini likaMengameli uMnuz Paul Mashatile.
Kuzokhumbuleka ukuthi uhulumeni wokubambisana kwamaqembu wabumba uhlaka lokubheka izinkinga ezizovela ezithinta imigomo nokunye.
Leli thimba liholwa nguMashatile, kanti belihlangene ngoLwesithathu, lapho linqume ukuthi kusungulwe ithimba elizobheka izikhalo.
Umengameli Cyril Ramaphosa, wamisa izigatshana ezimbili kulo mthetho ukuthi zisebenze ngenxa yezikhalo zamanye amaqembu okubalwa ne-DA.
I-DA yakhala kakhulu ngalo mthetho kanti noNgqongqoshe wayo wezeMfundo uNksz Siviwe Gwarube, waduba umcimbi wokusayinwa kwalo mthetho nguRamaphosa.
UNkk Zille ngomunye wabaholi abebekhala ngalo mthetho.
Ihhovisi likaMashatile, lithe kubalulekile ukuthi udaba lwalo mthetho lulungiswe ezinyangeni ezintathu ezibekwe nguRamaphosa.
“Abaholi bamaqembu abehlangene bavumelene ngokuthi kwakhiwe ithimba labaholi abambalwa ukuze babhekana nezikhalo ezithinta umthetho. Linikwe amasonto amabili ukwenza lo msebenzi bese liletha umbiko ohlakeni lweGNU (Government of National Unity), olubheka indaba yomthetho.”
Ihhovisi likaMashatile lithe kuzobhungwa ngezigatshana ezimbili kulo mthetho, okuyisigaba sesine nesesihlanu.
“Okunye okuvunyelwene ngakho ukuthi amaqembu kumele abeke eceleni izinto akholelwa kuzona ukuze kutholakale isisombululo kungqingetshe ngalo mthetho. Lokhu kwenzelwa ukuthi kusizakale abantu,” kusho uMashatile.