KUHLASELWE onogada ababili besemsebenzini, oyedwa wadutshulwa wafa ngesikhathi bephangwa izibhamu Emona, oThongathi ngoLwesibili ebusuku.
Labo nogada kuthiwa bebeqaphe idamu lamanzi ngesikhathi behlaselwa amadoda amathathu abehlomile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala uthe kuvulwe icala lokubulala nelokubamba inkunzi esiteshini samaphoyisa oThongathi.
Uqhube wathi isigameko senzeke ngo-8.45 ebusuku.
“Omunye wala balisa ube esedubula unogada oneminyaka engu-40 kwesingenhla washonela endaweni yesigameko. Abasolwa babe sebephanga onogada izibhamu zabo ezimbili base beyabaleka,” kusho uCapt. Gwala.
Uthe kuyaphenywa ngalesi sigameko kanti bekungakaboshwa muntu.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo enkampanini yonogada iReaction Unit South Africa (Rusa), uMnuz Prem Balram uthe bashayelwe ucingo yisakhamuzi saseMona sibabikela ngomsindo wokuqhuma kwesibhamu endaweni.
UBalram uthe onogada bakwaRusa abebeqaphe ubugebengu kule ndawo bamiswe ngunogada obecela usizo ngozakwabo odutshuliwe.
“Kuthunyelwe abosizo lokuqala bakwaRusa endaweni yesehlakalo, bafica owesilisa elele ngomhlane endlini eyikhonteyna. Ubenenxeba elilodwa lokudutshulwa emhlane. Uhlonzwe njengoshonele endaweni yesehlakalo,” kusho uBalram.
UBalram uthe babikelwe wuzakwabo kamufi ukuthi bebeqaphe idamu ngesikhathi bethelekelwa amadoda amathathu afike abakhomba ngezibhamu.
Uqhube wathi la madoda abe esephanga onogada izibhamu zabo i.38 special revolver nomakhalekhukhwini babo.
“Abasolwa babe sebedubula kathathu base bebaleka ngezinyawo. Kutholakale inhlamvu eyodwa ye-9mm namagobolondo amathathu endaweni yesehlakalo,” kusho uBalram.