IHEALTH Professions Council of South Africa (HPCSA) okuwumkhandlu olawula odokotela, usudonse ngendlebe abantu ukuba baqinisekise ukuthi baya kodokotela abanemvume yokusebenza.
Lokhu kulandela ukuboshwa komsizi kadokotela wamazinyo obesebenza ngaphandle kwencwadi emgunyaza ukuba enze lo msebenzi eLonehill, eGoli.
IHPCSA iveze ukuthi ngesikhathi ihlola izindawo okusebenza kuzo odokotela, ithole uNksz Dorothy Shunmugam obesebenza njengomsizi kadokotela wamazinyo yize engenayo imvume yokwenza lo msebenzi.
IHPCSA iveze ukuthi incwadi yokusebenza kaNksz Shunmugam yasulwa ngo-2006 emuva kokuthi engayikhokhanga imali yokuyivuselela ekhokhwa kanye ngonyaka.
UNksz Shunmugam uboshiwe ngaphansi kwesigaba 17 se-Health Professions Act lapho ebhekene necala lokusebenza ngaphandle kwemvume.
Esitatimendeni sabezindaba iHPCSA ithe uDkt Kow-Der Yeh ongudokotela wamazinyo onemvume yokusebenza eNingizimu Afrika kusukela ngo-2019, obeqashe uNksz Shunmugam usebikwe kwi-Medical and Dental Professions Board lapho ezobhekana necala lokuqasha umuntu ongenayo imvume yokusebenza.
“Bonke odokotela kufanele babe nemvume yokusebenza ekhishwa yiHPCSA. Lokhu sikwenzela ukuvikela umphakathi. Kuyicala ukuqasha umuntu ongenayo imvume yokusebenza bese umvumela ukuba alaphe abantu. Umphakathi kufanele ubabike odokotela abasebenza ngaphandle kwemvume ngokuthumela i-email [email protected].”
IHPCSA ithe kubalulekile ukuthi abantu baye kodokotela abanemvume yokusebenza ukuze bahlale bephephile. Abafuna ukuqinisekisa ukuthi odokotela banemvume yokusebenza bangangena kwi-website ye-HPCSA bese bebheka ngaphansi kwesihloko esithi register. Bangashayela ne-HPCSA bephethe imininingwane kadokotela ku-012 338 9300/1.