NONTUTHUKO NGUBANE
ZIMKHALELE esebhace ehlathini osolwa ngokubulala owesifazane othandana nabobulili obufana nobakhe waKwaMakhutha.
Le ndoda esolwa ngokubulala uNksz Anele Bhengu (22), iboshwe namhlanje eMlahlandlini, eGcilima, ePort Shepstone. Umsolwa oneminyaka engu-39 kuthiwa ubalekile kubo kade efunwa amaphoyisa ngecala lokubulala uNksz Bhengu, wacasha ehlathini. Ulandelwe amaphoyisa ambophela khona.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele ukuqinisekisile ukuboshwa kukamsolwa wathi uzovela eNkantolo yeMantshi eMbumbulu maduze.
“Amaphoyisa asePort Shepstone ophiko lwe-Tactical Response esebenzisana nabaphenyi baseMargate alandele ulwazi ngomsolwa. Abe eseya kubo kamsolwa eMlahlandlini, eGcilima. Umsolwa kuthe uma ebona amaphoyisa wavele wabaleka wangema ehlathini eliseduze. Amaphoyisa amjahile wabe eseboshwa amaphoyisa aseMargate, amdlulisele emaphoyiseni aKwaMakhutha. Umsolwa uthinteka ekubulaweni kuka-Anele Bhengu, isidumbu sakhe esitholwe ngeSonto sinamanxeba okugwazwa,” kusho uCol. Mbele.
Isolezwe labika ngalesi sigameko kwavela nezinsolo zokuthi umufi udlwenguliwe, wasikwa intamo wabe esegwazwa kaningi.
Ayaziwa imbangela yokubulawa kukamufi. Isolezwe lithole ukuthi umndeni uhlela ukufihla ngoMgqibelo, KwaMakhutha.