Likhalelewe amasongo kaSigonyela, ikhansela le-IFP kuMasipala waseNdumeni, okuthiwa libanjwe oqotsheni nezinkomo okukholakala ukuthi zintshonthwe epulazini lomlimi oseDannhauser.
Umsolwa okuthiwa ubuye abewumfundisi ebandleni lamazayoni (igama lakhe eligodliwe aze avele enkantolo), kuthiwa uboshwe nomunye abebehamba naye izolo, kanti kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseDundee namhlanje.
Okhulumela amaphoyisa esifundeni Umzinyathi, uConstable Siyabonga Nkwanyana, uthe kuboshwe amadoda amabili aneminyaka ephakathi kwengu-41 no-52 okulundeleke ukuthi avele enkantolo maduze.
“Abasolwa baboshelwe ukutholakala nezinkomo okusolwa ukuthi zebiwe, kanti amaphoyisa ababophe endaweni yaKwaSithole, ngeSonto. Bebehamba ngemoto eyiveni ebidonsa inqola, emgwaqweni u-R33 ngesikhathi iphoyisa ebelisemsebenzini liqaphela ukuthi kunezinkomo ezine phakathi enqoleni. Liqonde emotweni ukuhlola amaphepha agunyaza ukuthuthwa kwemfuyo, lathola ukuthi kunokusolisayo, imininingwane ayibhaliwe ngendlela okudingeka ngayo,” kusho uNkwanyana.
Uthe abasolwa bahlulekile ukunikeza amaphoyisa incazelo eqondile ekutheni izinkomo bazithathe kuphi nokuthi bebezihambisa kuphi. Uphiko lwamaphoyisa olulwa nokuntshontshwa kwemfuyo eGlencoe kuthiwa liqale ophenyo, umnikazi wezinkomo kwatholakala ukuthi ngowaseDannhauser, izinkomo zabuyiselwa kuye.