UME nse umshado, kwaboshwa umkhwenyana, umakoti nomfundisi izolo ngesikhathi kugasela amaphoyisa namasosha namaphoyisa kamasipala eNseleni, eduze kwaseMpangeni. Lokhu kumiswa komshado kuhambisana nemibandela egunyazwe wuhulumeni yokumiswa kwemicimbi nokugcaluza kwabantu ezweni izinsuku eziwu-21, ngenhloso yokulwa nokubhebhetheka kweCorona. Lo mshado wakwaZondi uphele sekumuncu kwaboshwa nabantu abangu-53 abebeyingxenye yawo.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi kunabathize ababikele amaphoyisa ukuthi ziyawushaya phakathi kwezithandani.
Abomthetho banikele khona bafica bematasatasa nomfundisi elungiselela ukubopha ifindo likasofa silahlane.
Amaphoyisa namasosha abehlomile kuthiwa awabange esananaza ababopha bonke abebekulo mshado.
“Khona abathize abafonele amaphoyisa ukuthi kunomshado oqhubekayo kuleya ndawo. Amaphoyisa nangempela afike kushadwa esontweni. Kube sekuboshwa wonke umuntu okubalwa umfundisi nabebeshada,” kusho umthombo.
Kwi-video ebonwe Isolezwe umakoti ubonakala egqoke ingubo emhlophe eyongena evenini yamaphoyisa. Kwiveni yamaphoyisa kubonakala umkhwenyana elungisa ingubo kamakoti ukuze angene ngaphakathi base bethathwa beyiswa esiteshini samaphoyisa.
Abanye bafakwe kwezinye izimoto zamaphoyisa sebeya esiteshini.
BUCHITHEKE bugayiwe kugasela amasosha namaphoyisa emshadweni obuseNseleni, ngaseMpangeni, izolo. Umakoti uboshwe nengubo yakhe yomshado Izithombe: FACEBOOK
Umfundisi okuvele ukuthi ngokomsebenzi uphinde abe ngudokotela naye zimkhalele.
Isolezwe lithole ukuthi bebesagcinwe esiteshini saseMpangeni, kusakhulunywa ukuthi ngabe bazoyithola yini ibheyili. Kuthiwa bagcine bengalibophanga ifindo lomshado.
Okhulumela amaphoyisa kuleli uBrigadier Vishnu Naidoo, ukuqinisekisile ukuthi kuboshwe abantu abaphule umthetho wezokuhlangana ngalesi sikhathi kuvalwe izwe ngokuthi baqhubeke bashade. “Abantu abangu-53 okubalwa umkhwenyana, umakoti nomfundisi baboshiwe ngokwephula umthetho othinta izinhlekelele kuleli,” kusho uNaidoo.
UNaidoo ekhuluma ne-eNCA uthe abantu bayababikela uma kukhona imicimbi engafanele eqhubekayo, wathi bakwenza lokhu ngoba bekhathazekile ngenxa yokubhebhetheka kweCorona.
Weluleke abantu ukuthi bayeke ukuzama ukwenza imicimbi isinyenyela ngoba bazoqhubeka nokubabopha. Izwe livaliwe ngenxa yobhubhane lweCorona. Ngalesi sikhathi akuvumelekile ukwenziwa kwemicimbi, yimingcwabo kuphela okuvumelekile ukuthi iqhubeke nakuba kumele kube ngabantu abangu-50 kuphela abayingxenye yayo.
UMasipala waseMhlathuze izolo uthumele isitatimende kwabezindaba ugxeka abebeshada nesabanye abangalandeli imithetho ngalesi sikhathi sokuvalwa kwezwe.
Imeya yalo masipala uMnuz Mdu Mhlongo, ithe bangu-67 abantu ababoshwe ngesonto lokuqala lokuvalwa kwezwe, beboshelwa amacala ahlukene ngokungalandeli imiyalelo kahulumeni.
UMhlongo uthe kuyadumaza kakhulu ukungalandeli imithetho nemiyalelo kahulumeni kwabantu.
“Namhlanje (ngeSonto), kuboshwe abantu emshadweni obuseNseleni. Kuboshwe nomfundisi obeshadisa. Bonke abebeyingxenye yomshado babe sebeyiswa esiteshini saseMpangeni.
“Siyanxusa abantu bakithi ukuba balalele futhi benze abakutshelwayo. Siyakhula isibalo sabatheleleka ngeCorona yingakho kumqoka ukuba wonke umuntu ahlale ekhaya. Labo abenza njengoba beceliwe siyabancoma kakhulu,” kusho uMhlongo.
Ngokwesitatimende salo masipala kunabanye ababoshwe ngenxa yokungayilandeli imithetho kahulumeni, kube ngabayisithupha abebedayisa utshwala, abayisikhombisa abakuleli ngaphandle kwemvume nabane abatholwe bezihlalele epaki bengcebeleka eRichards Bay Civic Centre.
Kukhona nabanye abantu abatholwe bezihambela emgwaqweni uma bebuzwa bahluleke ukuchaza.