BATHATHU abantu asebeboshelwe izinsolo zokuba ngobhongoza ezibhelwini ezigubuzele iKwaZulu-Natal naseGauteng.
Lokhu kuvezwe wuNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, obekhuluma namalungu omphakathi eSea Cow Lake, eThekwini, izolo.
“Yebo, bakhona abathathu asebeboshiwe. Kukhona futhi namanye amagama abasolwa asenikezwe izinhlaka zezokuphepha. Ngeshwa, angikwazi ukudalula amagama alaba bantu kuze kube bavela enkantolo. Kepha kubukeka abanye bezoboshwa ngokushesha.”
Laba basolwa kulindeleke ukuthi bavele ezinkantolo kuleli sonto.
Omunye wabo owaboshwa eGoli, ngoLwesihlanu, kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi eRoodepoort, eGauteng.
Usolwa ngokuhlohla amalungu omphakathi eWest Rand ukuthi azitapele bese ecekela phansi izitolo.
Amaphoyisa akwazi ukuthola imiyalezo kwiWhatsApp yalo msolwa, lapho ayegqugquzela khona abantu ukuthi babambe iqhaza ezibhelwini ezishiye kukhalwa KwaZulu-Natal naseGauteng.
Akucaci ukuthi laba abanye abasolwa ababili bona baboshwe kuphi nokuthi bazovela nini enkantolo.
Ababoshiwe abasiyo ingxenye yabantu abangu-12 abathathwa ngokuthi yibona abahlela le mibhikisho.
Lezi zibhelu zaqala emasontweni amabili edlule ngemva kokuzinikela emaphoyiseni kwaloyo owayengumengameli, uJacob Zuma, odonsa isigwebo sezinyanga ezingu-15 ngecala lokwedelela umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo.
Kusukela kwaqala lezi zibhelu, bangaphezu kuka-200 abantu asebefile kanti bangaphezu kuka-2 500 asebeboshiwe.