KUBOSHWE abashayeli bamabhasi amathathu abebethwele izintombi ebeziphuma eMkhosini woMhlanga KwaNongoma, ngecala lokushayela bephuzile.
Laba bashayeli baboshwe ngeSonto izintombi sezibuyela emakhaya. Ngempelasonto kuvele ukuthi kuboshwe abashayeli abangu 24.
Isikhulu esiphezulu eMnyangweni wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Sibusiso Gumbi, sincome umsebenzi wamaphoyisa ngokubopha laba bashayeli.
“Kuyajabulisa ukuthi ayikho ingozi okushone kuyo abantu ebikiwe ngempelasonto yoMkhosi woMhlanga, lokhu kungenxa yokusebenza ngokuzimisela kwamaphoyisa. Okujabulisa kakhulu wukuthi abaphule umthetho, babanjiwe futhi bazobajeziswa kanzima.
“Uhlelo ebesilusebenzisa, lube nomphumela omuhle. Sizoqhubeka nalo mgqigqo. Impela sithi KwaZulu-Natal, alufakwa, lubuya nehlongandlebe,” kusho uGumbi.
Umkhankaso wokuqikelela ukuthi kuphephile uqalwe ngoMsombuluko
ngoSepthemba 2 nonyaka, eMdloti, lapho bekubhekwa amabhasi aya eMkhosini woMhlanga ukuthi asesimeni esihle yini.
Kulo mkhankaso kwakukhona owayengu-Ngqongqoshe uMnuz Mxolisi Kaunda, noNgqongqoshe wezoBuciko namaSiko, ezeMidlalo nokuNgcebeleka uNksz Hlengiwe Mavimbela.
Kuso sonke isifundazwe bekunemikhankaso ehlukene lapho bekubhekwa izimoto ezilayishe ngokweqile, ezigijima kakhulu, abashayela bephuzile, abangawafakile amabhande nezimoto ezingekho esimeni sokuba semgwaqweni.
Kule mikhankaso ebiholwa wuGumbi eqalwe ngoLwesihlanu, KwaNongoma kuboshwe abashayeli abathathu, omunye umshayeli owaseMpumalanga.
Ezimotweni ezimisiwe, ezinhlanu zitholwe zinamaphutha. Abashayeli abangu-14 baboshelwe amacala akushayela bephuzile. Izimoto ezintathu ezimisiwe, bezintshontshiwe.