ASHAQE inqwaba yezidakamizwa nemali eManzimtoti, eThekwini, amaphoyisa ophiko olulwa nokudayiswa kwezidakamizwa nezibhamu izolo.
Kuboshwe nabasolwa ababili abaneminyaka engu-25 no-29 okubikwa ukuthi batholwe nezidakamizwa ezahlukene.
Esitatimendeni asithunyelwe amaphoyisa kuvele ukuthi amaphoyisa abe nomkhankaso olwa nokusetshenziswa kwezidakamizwa eManzimtoti emva kokuhletshelwa ukuthi kukhona umuzi onezidakamizwa.
Agasele kwancane indawo emzini othile lapho ebophe khona abasolwa kwashaqwa nezidakamizwa nemali.
Kulezi zidakamizwa kukhona i-crystal meth engu-14, mandrax ne-heroin ewu-40. Kushaqwe nemali isamba sayo esingadalulwanga okusolakala ukuthi itholwe ngohwebo lwezidakamizwa.
Abasolwa bekulindeleke bavele izolo eNkantolo yeMantshi eManzimtoti.
Amaphoyisa acele umphakathi ukuba uwabikele ngabahweba ngezidakamizwa.