UMSHUSHISI ubabaze unya kwabesilisa abane ababhekene necala lokunquma uqhoqhoqho owayefundisa eMangosuthu University of Technology (MUT).
UMshushisi oMkhulu, u-Advocate Krishen Shah, ubabaze unya ngesikhathi enxusa iNkantolo eNkulu yaseThekwini ukuba ibagwebe laba abane.
Abamangalelwa, oMnuz Siyabonga Freeman Mahaye (35), Thobani Mhlongo (23), Kwanele Makhaye (29) noSihle Mkhize (23), bathweswe icala lokuthumba, elokweba nelokubulala.
Kuvela ukuthi umufi, uChanlall Dwarika (63), wathunjwa yilaba besilisa bemsusa emzini wakhe osemgwaqweni uMaynard, eThekwini, bamfaka emotweni yakhe, iHonda emnyama, bafika bamnquma uqhoqhoqho ehlathini kwamaFuya eNanda ngoMeyi 28.
Enkantolo kuvele ukuthi umufi wayekade ecele laba besilisa ukuba bahlale emzini wakhe bawuqaphe njengoba kwakungahlali muntu kuwona.
Ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko kuvela ukuthi umufi wayesezinhlelweni zokuthi awudayisele uMfundisi Miya (elingatholakalanga igama lakhe) umuzi.
UMiya uphinde waba ngomunye wofakazi kuleli cala. Umshushisi usebenzise ubufakazi bakhe njengoba kuvela ukuthi waze wavukwa yisibibithwane ngesikhathi echazela inkantolo ukuthi abamangalelwa bamnquma kanjani uqhoqhoqho umufi.
"Unya olwakhonjiswa yilaba lwahlala obala ngesikhathi uMiya ethula ubufakazi bakhe njengoba waze wavukwa yisibibithwane lapha enkantolo,'' usho kanje.
Ummangalelwa wesine kuleli cala, uMkhize, ethula ubufakazi ngaphambilini watshela inkantolo ukuthi waphoqwa ukuba abe yingxenye yetulo lokusocongwa kukamufi.
Lokhu ukuchaze njengembudane yoqobo umshushisi ebuza ukuthi kungani pho ngemuva kwesigameko uMkhize engayanga kolubika emaphoyiseni udaba.
"Uma esho kanjalo kwakumele kube khona akwenzayo ukuveza ukuthi kwenzakale lesi sigameko,'' usho kanje.
Abameli babamangalelwa banikezwe ithuba lokuthi babancengele ukuthi inkantolo ingabagixabezi ngesigwebo esinzima kakhulu.
Akucaci ukuthi umufi nabamangalelwa babazana kanjani njengoba waze wabacela ukuthi babheke umuzi wakhe.
Ngaphambi kokuba bamsoconge umufi, bamphoqa ukuba abanikeze ipin yasebhange ukuze bezokhipha imali.
Icala lihlehliselwe uNovemba 28 lapho okuzobhungwa khona ngosuku okuzophuma ngalo isinqumo.
Enkantolo bekukhona abomndeni kamufi.