KUZOCACA ngesonto elizayo ukuthi ubani onqobe umzuliswano wokuqala empini yezomthetho ephakathi kukaMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, naloyo owayengumengameli, uJacob Zuma.
NgoMsombuluko, iNkantolo eNkulu eGoli, izokhipha isinqumo sayo esicelweni esifakwe wuRamaphosa, ofuna isivimbelo esiphuthumayo senkantolo esizonqanda uZuma ukuba aqhubeke nokuzishushisele yena mathupha.
URamaphosa ufake lesi sicelo emva kokuthi uZuma emthumelele amasamanisi ambizela enkantolo.
UZuma ufuna ukushushisa uRamaphosa njengengxenye yabantu abaphula umthetho ecaleni azishushisela yena mathupha umshushisi omkhulu ecaleni lakhe lenkohlakalo nokukhwabanisa u-Advocate Billy Downer, amsola ngokuputshuzela intatheli yeziko lezindaba elibika ngesiNgisi, ulwazi oluyimfihlo ngempilo yakhe.
UZuma usola uRamaphosa ngokungathathi zinyathelo ngesikhathi embikela ngalesi sigameko, ufuna ayophendula ngalokhu enkantolo ngesonto elizayo.
URamaphosa ufuna inkantolo imnikeze isivimbelo esizonqanda uZuma ukuba aqhubeke naleli cala kuze kube kulalelwa isicelo lapho uRamaphosa afuna ukuba kuchithwe icala elifakwe uZuma. URamaphosa uthi uZuma akanalo igunya lokuzishushisela yena mathupha.
Alukanqunywa usuku okuzolalelwa ngalo lesicelo. Izolo inkantolo ilalele izethulo esicelweni sikaRamaphosa sesivimbelo.
Leli cala belilalelwe amajaji amathathu, uRoland Sutherland, Edwin Molahlehi noMarcus Senyatsi,
Ummeli kaRamaphosa, u-Advocate Hamilton Maenetje, uthe uZuma akanalo igunya lokuzishushisela mathupha uRamaphosa futhi akazange alandele imigudu efanele.
“Isitifiketi asisebenzisayo ukuzishushisela asinalo igama likaRamaphosa. Ukuze ukwazi ukuzishushisela kufanele kube ukuthi iNational Prosecuting Authority (NPA) yenqabile ukushushisa loyo muntu, bese ikunikeza isitifiketi esinegama lomuntu ofuna ukuzishushisela yena.”
UMaenetje uthe akusilo iqiniso ukuthi uRamaphosa akazange athathe izinyathelo ngesikhathi ebikelwa ngezinsolo ezibhekene noDowner.
Uthe wabikela uNgqongqoshe wezoBulungiswa, uMnuz Ronald Lamola, wamcela ukuba aphenye.
Ummeli kaZuma, u-Advocate Dali Mpofu, uthe asikho isidingo sokuthi uRamaphosa anikezwe isivimbelo senkantolo. UMpofu uthe kuzokube kungaqali ngaye uRamaphosa ukuba avele enkantolo.
“UZuma useke wavela kaningi enkantolo. Empeleni waze wagwetshwa yizinkantolo. URamaphosa naye kufanele aye enkantolo uma evulelwe icala.”
Inkantolo isigodlele uMsombuluko isinqumo sayo.