AHLUKENE phakathi amaqembu ezepolitiki ngesinqumo sikaMengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, sokutshala amasosha ukuba aqaphe ukhetho lwangoMsombuluko.
Yize amanye amaqembu ezepolitiki esishayele ihlombe lesi sinqumo, kukhona akholelwa ukuthi lokhu kungukumoshwa kwemali yomphakathi.
URamaphosa uveze ukuthi kuzotshalwa amasosha angu-10 000 ezindaweni ezikhungethwe udlame lwezepolitiki.
La masosha azotshalwa izinsuku eziyisithupha, kusukela kusasa, kanti ukutshalwa kwawo kuzokukudla ephaketheni uhulumeni uR47 million.
Iningi lamaqembu ezepolitiki KwaZulu-Natal, nokuyilapho kudlange khona udlame lwezepolitiki, asemukele lesi sinqumo.
Lesi sifundazwe siyaqhubeka nokuhamba phambili ngokubulawa kwabaholi bezepolitiki njengoba kusanda kubulawa abantu abathathu abangenele ukhetho.
Emasontweni amabili edlule, kudutshulwe kwabulawa owe-ANC obengenele ukhetho eThekwini, uMnuz Siyabonga Mkhize.
Ukubulawa kwakhe kulandelwe wukudutshulwa kubulawe owe-EFF obengenele ukhetho eMgungundlovu, uMnuz Thulani Shangase.
Muva nje, oweNFP obengenele ukhetho KwaNongoma, uMnuz Dumisani Qwabe, utholakale eshe nemoto.
Kusolwa ukuthi uqale wasocongwa ngaphambi kokuthi ashishwe nemoto.
Yize onke la maqembu esanda kulahlekelwa ngamalungu awo ngenxa yodlame lwezepolitiki, kepha ahlukene phakathi ngokuthi bekufanele yini kutshalwe amasosha?
I-ANC neNFP basamukele lesi sinqumo, kanti i-EFF yona ayihambisani nokutshalwa kwamasosha.
Okhulumela i-i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Nhlakanipho Ntombela, uthe bayasamukela isinqumo.
"Sinethemba lokuthi bazotshalwa ezindaweni ezifanele, ngesikhathi esifanele."
UNtombela uthe ngokwabo ukubuka, isimo asikho sibi kangako esifundazweni.
"Kodwa ke kubalulekile ukuthi kutshalwe amasosha ukuze sizobuyisa ithemba kubantu ngokuphepha kwabo."
UNobhala Jikelele weNFP, uMnuz Canaan Mdletshe, uthe banethemba lokuthi la masosha azotshalwa nasezindaweni ezisemakhaya nalezo ezaziwa njengo-alubhadwa.
"Sisamukela ngezandla ezimhlophe lesinqumo. Sifuna iningi lamasosha litshalwe ezindaweni ezisemakhaya ezifanana noNongoma. Izindawo ezisemakhaya kazinakiwe kodwa yizo ezinenkinga.
"Asifuni ukugcina ngokuwabona emadolobheni amasosha, ngoba lokho angeke kusize ngalutho. Sifuna ukuwabona engena emahostela, KwaMashu kanye namanye. Sinethemba lokuthi iningi lawo lizotshalwa KwaZulu-Natal ngoba vele iyona ndawo enokuphuma eceleni."
UMdletshe uthe kunezindawo lapho amalungu eqembu asabayo ukuyokhankasa kuzo.
"Kukhona izindawo lapho amalungu eqembu esaba ngisho ukugqoka izikibha zeqembu ngenxa yamazwi ayiziswana."
USihlalo we-EFF KwaZulu-Natal, uMnuz Vusi Khoza, ukugxekile ukutshalwa kwamasosha.
UKhoza uthe uRamaphosa akakhulume namalungu e-ANC ahlukane nokubhebhezela udlame lwezepolitiki.
"Kuyaziwa ukuthi abantu be-ANC abagqugquzela udlame lwezepolitiki. Ibona abavimba umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, ukuba angene esiteshini sokuvota eMgungundlovu."
Lezi zinsolo i-ANC iziphikile.
UKhoza uthe: "Ukutshalwa kwamasosha kudla enkulu imali. Ngaphandle ke uma bezositshela ukuthi lawa amaqhinga okubhubhudla imali yabakhokhi bentela.
"Umsebenzi wamasosha ukuvikela izwe ukuba lingahlaselwa ngabantu bangaphandle. Sikuphi isidingo sokuthi kutshalwe amasosha ngoba njengezwe abekho abantu esilwa nabo?"