IZOFAKWA itiyela imigwaqo yaseNkandla eholele ekutheni kube nemibhikisho kule ndawo ngasekuqaleni konyaka.
Lokhu kumenyezelwe wuNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, ngesikhathi ethula isabelo sezimali somnyango wakhe izolo, esiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
UHlomuka umemezele ukuthi kulo nyaka wezimali umnyango uzofaka itiyela emigwaqeni uP90 noP16.
Ngasekuqaleni konyaka izakhamuzi zaseNkandla zaba nokhukhulelangoqo wombhikisho lapho khona zazikhala ngesimo sale migwaqo.
Lemibhikisho yaholela ekuphazamisekeni kokufunda.
Umgwaqo uP16 usuka eKranskop uwelele eNkandla, uze uyophumela eNquthu.
UHlomuka uthe ukufakwa kwetiyela emgwaqweni uP16 kuzokwelekelela imiphakathi ikwazi ukuya esibhedlela eKhombe, emtholampilo waseManyane nasezikoleni noma ngabe isimo sezulu asisihle.
Eminye imigwaqo ezofakwa itiyela wuP443 eMkhanyakude, osuka eMbabhana uye eNgwavuma, kube uD77 eMvoti, uP712 osuka eMthandeni uye eSundumbili, eNdwedwe, kube uP91/P191 oxhumanisa omasipala wase-Alfred Duma neNdumeni noP700 kuMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo.
Kuzophinde kwakhiwe amabhuloho eNgubevu naseNadi, omabili angaphansi kukaMasipala wesiFunda uMzinyathi.
UHlomuka uthe umnyango uzimisele ngokufaka itiyela nokulungisa yonke imigwaqo yakulesi sifundazwe.
“Nalapho esingakafiki khona ngineqiniso lokuthi bayazizwa izigi ukuthi siseduze. Sinyathela ngesivinini yingakho sifuna isifundazwe sonke sinuke itiyela, kunamekwe udaka, kushunqe uthuli.’’
UHlomuka uthe umnyango uyaqhubeka nokulungisa umonakalo owadalwa yizikhukhula zangonyaka owedlule.
UHlomuka uthe umonakalo odalwe yizikhukhula zangonyaka owedlule ubalelwa ezigidigidini.
Uthe ukulungiswa kwalo monakalo kubambezela ezinye izinhlelo zentuthuko njengoba kubaphoqa ukuthi bathathe imali esuke yabelwe ezinye izinhlelo zentuthuko bayisebenzise khona.
“Ukuze silungise umonakalo odalwe yizikhukhula zangonyaka owedlule, siphoqelekile ukuthi simise ezinye izinhlelo zokulungiswa kweminye imigwaqo ezingu-730 ezizodla uR2.9 billion. Lokhu kungenxa yokuthi uhulumeni kazwelonke uyaphuza ukufaka imali osuke uyethembisile.”
Amalungu esiShayamthetho anxuse umnyango ukuba usheshise uhlelo lokulungiswa kwemigwaqo eyalinyazwa izikhukhula.
Ilungu le-ANC, uMnuz Mondli Chiliza, linxuse umnyango ukuba ulusukumele udaba lwebhuloho laseNhlungwane, eNtuzuma, elingakaze lilungiswe.
Ilungu le-IFP, uMnuz Steven Moodley, lithe imigwaqo eminingi eyalinyazwa yizikhukhula ayikaze ilungiswe namanje yize umnyango wabelwa izigidi zamaRandi ukuba wenze lokhu.
Isabelo sezimali somnyango singuR12.9 billion.