UHLOSE ukuhlanganisa zonke izizwe zase-Afrika ngaphansi kophahla olulodwa ukuze zibumbane, owesifazane ongumhleli, ngomcimbi wemibukiso yezizwe ezehlukene ozoba sesigodlweni saKwaKhangelamankengane, KwaNongoma, ngo-Ephreli, nonyaka.
USinqobile Maphisa utshele Isolezwe ukuthi ngalo mcimbi, Ubuhle Be-Africa Festival ozoba yizinsuku ezintathu, kusuka ngo-Ephreli 25 kuya ku-27, uhlose ukuthi kuvaleke igebe lokucwasana kwezizwe ezehlukene.
“Sinokucwasana. Size sibizane ngamagama ayiziswana. Kuze kwedlulele uma kuza kubantu bakwamanye amazwe. Ngalo mcimbi, ngizama ukuqeda leyo nto yokucwasana. Kufanele sibumbane,” kusho uSinqobile.
Uthe kulo mcimbi kuzokwenziwa imibukiso eyehlukene. Kuyona uthe kuzoba khona izazi ezivela ezizweni ezehlukene, ukuzochaza kabanzi ngamasiko azo.
“Kuzophinde kube nomculo wesizwe ngesizwe, ukuze sifunde ngezinhlobo zomculo wazo ngokwahlukahlukana kwazo,” kusho uSinqobile.
Uqhube wathi kuzophinde kudayiswe ukudla isizwe nesizwe esizigqaja ngakho.
“Kungagcini lapho, kuzophinde kudayiswe ingqephu yesizwe ngesizwe, ukukhombisa ukuthi isizwe esithile sikhuluma ngento enjani uma sikhuluma ngezingubo zaso,” kuchaza uSinqobile, othe bameme ngisho namakhosi ezizwe ezehlukene ukuzoba yingxenye yalo mcimbi.
Uthe ngesikhathi eyokwethula lo mbono eNdlunkulu nyakenye, abazange bathandabuze njengoba bezwakalisa ukuthi noNdlunkulu uMantfombi Dlamini-Zulu, wayeyeseka imibono efana nalena, wathi unesifiso sokuthi umcimbi uqhubeke minyaka yonke ezifundazweni ezehlukene, futhi uphumele nakwamanye amazwe ase-Afrika.
Uthe amathikithi alo mcimbi ayeyatholakala kubo bonke oSpar nakoTicketPro. Uthe aka-general ibiza u-R120 usuku ngalunye, esangweni abe u-R150, wathi i-package yazo zontathu izinsuku ibiza u-R300, esangweni ibe u-R400. Kuthi i-VIP ibe u-R500 usuku ngalunye, i-VVIP ibe wu-R750 usuku ngalunye.
UMntwana uBambindlovu Zulu ukuqinisekisile ukuthi lo mcimbi uzokwenziwa KwaKhangela emva kokuthi iNdlunkulu iwamukele umbono ofike nethimba leNzuzo Edutainment, kwavunyelwanwa.
Uthe baphezu kwawo amalungiselelo, amathikithi aseqalile ukudayiswa kanti nabazonandisa sebeqinisekisile.
“Ukulethwa kwalo mcimbi KwaKhangela, sabona ukuthi kufanele ngoba iSilo siphuma khona lapha ekhaya. SiwuZulu, akufanele sikhohlwe amakhosi, lokho kufanele kwaziwe yiwonke umuntu,” kusho uMntwana uBambindlovu.
Uthe lo msebenzi bawuqondanise nesikhumbuzo seNdlovukazi (uMantfombi Dlamini-Zulu), wathi kubalulekile ukuthi akhunjulwe amakhosi angasekho.
Unxuse isizwe ukuthi singazikhohlwa ukuthi sivelaphi.