KUZOKWENZEKA okuhlukile kwi-Africa’s Travel Indaba njengoba kulo nyaka izihambeli zalo mbukiso zizobe zoselwa inyama yaseMax’s Lifetyle.
Ngokusho kwesikhulu esiphezulu sase-Max’s Lifestyle, uNksz Zinhle Mqadi, kulo nyaka banqume ukuletha umuzwa wakwa-Max’s kwiTravel Indaba ukuze labo abangeke balithole ithuba lokuya khona bahambe benawo umuzwa wokuthi kwenzekani.
“Asiyona nje indawo ewushisanyama kodwa kulokhu sinqume ukubosela inyama kwi-Africa’s Travel Indaba abantu sisizwa yiDurban Tourism. Sizobuye sibakhumbuze ukuthi asiyona nje indawo yokosa inyama kodwa sinendawo yokucwala izinwele, edayisa izimpahla nokunye okuningi okwenzeka eMax’s Lifestyle,” kusho uNksz Mqadi.
Uthe bayakujabulela ukuthi izivakashi azisagcini nje ngokuvakasha enkabeni yedolobha kodwa seziya nasemalokishini.
Ucele uhulumeni ukuthi athuthukise ezinye izindawo zokuvakasha elokishini ukuze abantu bahlale khona.
“Sinenkinga yokuthi kusenabantu abacabanga ukuthi akuphephile kwezinye izindawo zasemalokishini. Ngenhlanhla thina eMax’s Lifestyle sesakhe ubudlelwano obukhombisa ukuthi siphephile. Ezinye izindawo zithathwa njengezingaphephile ngoba zisemalokishini. Siyacela uhulumeni azithuthukise, atshale namaphoyisa. Kungakuhle abantu bahambele eMlaza bayobona umuzi wezishoshovu zomzabalazo obaba nomama uGriffiths noVictoria Mxenge. Kubalulekile ukuthi sizithuthukise izindawo zethu ukuze abantu babe nezinto eziningi abazozenza emalokishini,” kusho yena.
UMnuz Samora Nqweniso oyimenenja esabambile kwaTourism KwaZulu-Natal, uthe bayasebenzisana nezinhlangano ezihlukene ukukhangisa amabhizinisi ezokuvakasha nokuhlomisa osomabhizinisi ngamakhono adingekayo.
Uthe zikhona izinhlelo zokuqinisekisa ukuthi ezokuvakasha zihlomulisa abantu ngoba nasendaweni yokupaka imikhumbi yezivakashi entsha bayafika osomabhizinisi abancane.
Ubalule ukuthi abanye bahambisa izivakashi ezisuka emkhumbini ezindaweni ezihlukene zokuvakasha ezakhele iKwaZulu-Natal. Kuya ngokuthi izivakashi zifuna ukubonani.
Uthe ababheki nje imicimbi emikhulu kodwa nangesikhathi sezinkonzo nemibukiso yokujima bayayikhangisa iKwaZulu-Natal.