ALAZIWA ikhambi elisize akade behaqwe yiCovid-19 kwazise bebephuza imithi ehlukene, benza nezinto ezingafani.
Abanye baye ezibhedlela kanti abanye balulamele emakhaya.
Sikhulume noMnuz Zazi Nxele (40) waseMgungundlovu othole ukuthi uneCovid-19 emuva kokuhlolelwa leli gciwane.
Uthe okwamenza wayohlola wukuthi wezwa engasakwazi ukunambitha noma yini ayeyidla wayengayizwa ukuthi inambitheka kanjani, wayengasakwazi nokuphefumula kahle futhi kubuhlungu umzimba.
“Ngathi uma ngiba nenkinga yokuphefumula nganikela kwadokotela wami, okuwuyena owangithumela esibhedlela. Ngicabanga ukuthi ngasizwa wukushesha ngiyibambe iCovid-19 ngoba ngiye ngazisebenzisa izinto ezishiwo abantu ngesikhathi ngisanda kuthola ukuthi ngineCovid-19 ngoJulayi 16. Kodwa ngesikhathi senginenkinga yokuphefumula ngavele ngaya kudokotela,” kusho uNxele.
Uthe kubalulekile ukuthi abantu bathole usizo kwabezempilo ngoba yena wakusebenzisa okwakushiwo ngabantu okubalwa umhlonyane, ugalikhi nolamula, imithi namaphilisi kodwa ube nenkinga yokuphefumula ebe ngcono emuva kokulala esibhedlela.
Ucele abantu ukuthi beseke abaneCovid-19 ngoba basuke bebodwa uma belele ezibhedlela, besaba.
“ICovid-19 idinga uzitshele ukuthi uzoyinqoba, udle imithi onikwa yona. Ufunde izincwadi ngoba uba wedwa isikhathi esiningi. Kufanele wenze nezinhlelo ngekusasa lakho. Kubalulekile nokusekwa ngabantu nomndeni ngoba lezo zingcingo nemiyalezo yokuthi ube ngcono iyakugqugquzela,” kusho uNxele.
UMnuz Simphiwe Dlamini (35) waseThekwini, uthe wathola ucingo lumazisa ukuthi kukhona umuntu asebenza naye osethole ukuthi uneCovid-19 ngakho kubalulekile ukuthi naye azihlole ngoba ubesebenza eduze nalowo muntu.
“Ngathi uma ngimfonela uzakwethu wangitshela ukuthi uneCovid-19 nenkosikazi yakhe inaleli gciwane. Yize ngangiqikelela ngaso sonke isikhathi ukuthi ngifake isifonyo futhi angisondeli eduze kwakhe kakhulu kodwa ngaya kwadokotela nakuba ngangingenazo izimpawu zeCovdi-19. Udokotela wathi kufanele ngihlolwe. Angibange ngisaya ekhaya kunkosikazi nezingane zami ngoba ngangifuna ukubavikela, ngahlala eflethini,” kusho uDlamini.
Uthe kwakuwuLwesine ngesikhathi ethola ucingo, kwathiwa imiphumela uzoyithola emuva kwamahora awu-24. Kwathi ngeSonto eselungiselela ukuya ekhaya wathola umyalezo ovela kwaLancet lapho ayehlolwe khona umazisa ukuthi imiphumela yakhe iveza ukuthi uneCovid-19.
“Angazi ukuthi ngizothi nganginjani kodwa ngashaqeka isikhashana, ngase ngifonela unkosikazi nomndeni wonke. Ngathatha isinqumo sokuthi ngiphumele obala ukuthi sengineCovid-19 ngabhala ekhasini lami kuFacebook ngoba ngisebenza nabantu. Bengingenazo izimpawu emuva kokuthola imiphumela yami,” kusho uDlamini.
Emuva kokuthola imiphumela wazisa udokotela wakhe ukuthi uneCovid-19, owabe esemnika imithi yomkhuhlane, amaphilisi omkhuhlane nawama-vitamin akulandelwa wumkakhe.
Emuva kwezinsuku ezintathu uthi umzimba wakhe waqala ukuba buhlungu wazitshela ukuthi mhlawumbe ulale kabi.
Umkakhe wamthengela ogalikhi, ulamula, vicks, umhlonyane nokunye okuthiwa kuyasiza.
Emuva kosuku lwesithathu uthi waphathwa yikhanda eliyisimanga, kubuhlungu umzimba futhi enesiyezi.
Ubegquma ngomhlonyane ne-vicks, ephuza nemithi namaphilisi awanikwe wudokotela.
“Ngosuku lwesishiyagalolunye ngazizwa sengingcono nekhanda lingangiphethe kodwa emini ngavele ngashiselwa nekhanda labuya. Ngagquma ngase ngibuyela embhedeni. Emuva kwalokho ngaba ngcono kodwa ikhanda belilokhu lingiphethe kuze kwaphela izinsuku eziwu-14,” kusho uDlamini.
Namanje ikhanda lisamphatha kodwa okuhlukile wukuthi elamanje aliqaqambi ngendlela engabekezeleki.
Umhlonyane uthe ubengawuphuzi kodwa ubegquma ngawo ngoba akazi kufanele umuntu aphuze ongakanani.
Ubesebenzisa ne-med-lemon enegaligi, ujinja noju ephuza nama-vitamin nemithi ayinikwe wudokotela.
Ubalule ukuthi into ebimphathisa ngekhanda kakhulu wukucabanga nokubuka izindaba kangangokuthi ugcine engasazibuki.
Uveze ukuthi kunamalungu omndeni wakhe amabili elinye eliwudokotela nawo athola ukuthi aneCovid-19 ngesikhathi naye esalwa naleli gciwane.
“AbaneCovid-19 ngicela besekwe ngoba ukuthola ucingo, imiyalezo nama-video call kuyakukhumbuza ukuthi awuwedwa. Kungakuhle ukuthi bagxile ezindabeni ezinhle ngoba bakhona abasindayo kuleli gciwane. Ngeke ngisho ukuthi ngilashwe yini ngoba udokotela wangibuza ukuthi nginani wase enginika imithi elwa nalezo zinto ezingiphethe okuyimithi yomkhuhlane,” kusho uDlamini.
Ucele abantu ukuthi bagqoke izifonyo, balandele imithetho yokuphepha ebekwe wuhulumeni, bahlale emakhaya uma kungekho okubaphoqa ukuthi bahambe.
Uthe kumphathe kabi ukubona ukuthi omunye wabantu akade bemeseka uMnuz Sphiwe Maphumulo, uthathwe yileli gciwane.
Ubonge umkakhe ngokumeseka nokunakekela izingane zabo wathi kwakungelula ngesikhathi ethola ukuthi uyagula ngoba unina nomkakhe bakhala.