UKHULUME waze wafikelwa wusizi wachiphiza izinyembezi ummangalewa wesibili ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa, uBongani Ntanzi ethi ukhumbula ukuhlukunyezwa kwakhe.
UMeyiwa wadutshulwa wafa ekubo kwentombi yakhe, uKelly Khumalo, eVosloorus ePitoli, ngo-2014.
Bahlanu abalisa abashushiswa ngokufa kukaMeyiwa kodwa baphika bayagelekeqeka ukuthi kukhona okubahlanganisa necala.
Bakhala ngokuthi amaphoyisa abavumisa amacala ngenkani ebashaya.
UNtanzi ongummangalelwa wesibili ecaleni, udabuka KwaNongoma kodwa ubesebenza emayini eNorth West, okulapho amaphoyisa amthola khona embopha.
Ofakazi abalethwa wuMbuso bayamninda uNtanzi abamchaza ngokuthi udume ngelikaMafika.
Ithimba labameli ligibeze uNtanzi ebhokisini ukuthi alandise inkantolo ngakwaziyo njengoba amaphoyisa ethi wavuma icala wasayina izitatimende. UNtanzi ulandise inkantolo ukusuka nokuhlala ngokuboshwa kwakhe eyamaniswa nokubulala uMeyiwa.
UNtanzi ubegibela ebhokisini elama ummangalelwa wokuqala uMuzikawukhulelwa Sibiya, osefakaze waqeda yena.
UNtanzi uthe kunesiwombe lapho amaphoyisa acishe amkhipha khona umphefumulo, emphoqa ukuthi akhulume ngokufa kukaMeyiwa.
“Iphoyisa uMabena lakhipha uplastiki waseTruworths, langifaka wona ebusweni engimboza ngawo engincisha umoya. Kwakubuhlungu kakhulu futhi ngangiqala ukwenziwa into enje. Namanje inhliziyo yami isebuhlungu ngento abangenza yona,’’ kusho uNtanzi ezwakala enesibibithwane sokukhala.
Uzwakale sengathi uphefumula ushintsha amagiya, ebamba ukukhala.
Ummeli u-Adv Sipho Ramosepele engayingeni wangamnika ngisho ikhefu lokuziqoqa, waqhubeka wamfaka imibuzo.
UNtanzi uthe babemfaka uplastiki, bethi uzosho uma esefuna ukukhuluma.
Uthe akugcinanga lapho kodwa babuye bamthela ngamanzi kubanda, bamjijimeza ngento thizeni enogesi.
“Bangikhumula isikibha, bangibhunyela ngamanzi kubanda. Kukhona enye into ababengibamba ngayo enogesi. Yaba buhlungu kakhulu into abangenza yona, namanje ngisasho ukuthi inkosi ibabusise,’’ kusho uNtanzi ngosizi.
Uthe amaphoyisa aba nezikhawu eziningi emshaya, kukhona lapho abambophela khona ensimbini ngozankosi, bamxina ngesibhaxu.
Uthe amaphoyisa ayekhala ngokuthi uyedelela.