IZIMISELE ukushintsha izinto imenenja entsha yakuMasipala iNdumeni esanda kuqokelwa kulesi sikhundla.
UMnuz Sthembiso Ntombela oqale ukuba yimenenja yalo masipala ngokugcwele kule nyanga, uthe lo masipala ubhekene nezinselelo eziningi kuzo okubalwa nokungakhokhelwa kukagesi okuholele ekutheni umasipala ukwelete i-Eskom uR72 million.
UNtombela obeyiChief Financial Officer (CFO) kuMasipala waseNkandla, uqale ngokubamba kulesi sikhundla sokuba yimenenja yaseNdumeni ngo-Okthoba, kule nyanga wase esiphatha ngokugcwele.
"Kunabantu abangawukhokheli ugesi, abanye bazixhumele ngokungemthetho abanye bayaweba. Konke lokhu kuholela ekutheni imali umasipala oyenzayo ngogesi ukhokhele lesi sikweleti. Sesiqalile ukukhuthaza abantu abakweletayo ukuthi benze izinhlelo zokukhokha, abanye sesibabhalele izincwadi sibaziza ukuthi sizowucisha ugesi. Amakhansela nawo aseqale izinhlelo zokufundisa abantu ngemiphumela emibi yokweba ugesi," kusho uNtombela.
Uthe ngaphandle kwenkinga yesikweletu esikhulu sikagesi bekunezinkinga zokungaphathwa kahle kukamasipala nokwephulwa kwemigomo okuholele ekutheni kumiswe izimenenja ezintathu emsebenzini, eyakwandabazabantu , ephethe uphiko lukagesi, nomqondisi wakwa-Co-operatives Services.
"I-CFO neTechnical Director besulile bayagcina nje kule nyanga. Okusho ukuthi ziningi izinselelo esizobhekana nazo ngenxa yokushoda kwabaphathi kodwa ngakolunye uhlangothi sinabanye abasebenzi abazobuya abebexoshwe ngokungemthetho, babuyiswa inkantolo. Abanye kudingeke ukuthi sibakhokhele izinxephezelo," kusho uNtombela.
Uqhube wathi okunye okuseqhulwini ezintweni afuna ukuzenza kulo masipala, ukwenza izinhlelo zengqalasizinda ethola imali kuhulumeni omkhulu eyaziwa ngeMunicipal Infrastucture Grant (MIG) esengcupheni yokubuyela emuva ngoba ufice izincwadi ebezisho ukuthi le mali ingase ibuyele emuva uma ingasetshenziswa.
"Eqinisweni izinto zimapekethwane kulo masipala, sifana nomasipala oqalwa phansi. Kunezincomo ezenziwe uphiko lwabaphenyi oluyisiphesheli, iSpecial Investigation Unit (SIU) okumele sizilandele, kunezinye ezenziwe uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana esifundazweni nazo okumele sizilandele ukuze umasipala wethu ubuyele esimeni," kusho yena.